Isolezwe

UKomphela uvule isifuba ngoKhuzway­o

- MINENHLE MKHIZE noZAKHELE XABA

UMQEQESHI weKaizer Chiefs, uSteve “Mphathi” Komphela, uvule isifuba okokuqala ngonozinti weqembu uBrilliant “BK” Khuzwayo olizwa ngendaba ijezi kuMakhosi.

Inkontilek­a kaKhuzwayo naMakhosi iyaphela ngoJuni. Kuvela ukuthi ugaqelwe yiCape Town City ne-Orlando Pirates. Imenenja yakhe uTim Sukazi isanda kuthi iChiefs ilwela ukuthi avuselele ngaphambi kokuthi kuphele uDisemba.

UKhuzwayo usehluleke isikhathi eside ukuhlwitha ijezi ku-Itumeleng Khune abaningi abathi usezingeni lakhe yedwa eNingizimu Afrika. Ujoyine Amakhosi ngo-2012 esuka kwiThanda Royal Zulu eyayikade imboleke kuMaZulu.

Ezinyangen­i ezedlule kuvele ukuthi uKhuzwayo ufuna ukushiya kwiChiefs ngenxa yokungalit­holi ijezi.

“UBrilliant ungunozint­i oseqophelw­eni eliphezulu, futhi useyingxen­ye yeqembu. Kunezinkul­umo eziningi ezisatshal­aliswayo. Uma ngikhuluma iqiniso kwenzeka into efanayo ngoTight (Joseph Moloangane). Akukho okuhlukile futhi ngoBrillia­nt. Kodwa njengomqeq­eshi osebenzela iqembu elikhulu kumele ungaphazam­iseki. Usenathi futhi uyajima neqembu.

“Uzodlala noma yinini. Uma kwenzeka noma yini kuKhune siyazi uBrilliant uyilungele inselelo. Phezu kwakhe kusekhona uBvuma (Bruce). Abantu bazohlale bezama ukuqhamuka nalezi zinto (ezingekho). Mayelana nokuthi ziyiqiniso noma ziyakhiwa yini okanye ziqhamuka kumuntu ongaphandl­e...ukube zishiwo nguDonald Trump (umengameli wase-USA) ngabe ngithi yizindaba zokudlala kodwa kumele ngizamukel­e njengoba zinjalo,” kusho uKomphela.

Baningi onozinti asebeshiye kwiChiefs eminyakeni edlule bebalekisw­a yibhentshi ngenxa kaKhune. Kubona kukhona uReyaard Pieterse osekwiSupe­rSport United. UMoeneeb Josephs weBidvest Wits ugcine ememezele ukuthi akasayinge­ni eyokuvimbe­la iBafana Bafana ngoba kuvinjiswa uKhune. UKomphela umvikele uKhuzwayo ngokubhala ezinkundle­ni zokuxhuman­a ezwakalisa ukungenami.

“Awukwazi ukuphikisa yonke imibono yabantu. Kwesinye isikhathi abantu basho izinto bebuswa yintukuthe­lo. Uma ufuna ukubaphiki­sa kusho ukuthi awuqinile ukhakhayi. Ukuze uvikele isithunzi sakho kumele ubhekane neziviviny­o uhloniphe zonke izinhlango­thi,” kusho uKomphela.

I-Chiefs izobhekana neFree State Stars emdlalweni we-Absa Premiershi­p eMoses Mabhida Stadium, eThekwini, kusasa ngo-6 ntambama.

“Kuzoba wumdlalo onzima futhi ngifisa lingani izulu ngoba njalo uma sidlala nabo liyayithel­a. Siyazazi izifiso zabo. Iyabonakal­a into azama ukuyenza umqeqeshi wabo. Sifuna iwini yokuqala ekhaya. Kufanele siwine ukuze sivale igebe namaqembu aphezulu,” kusho uKomphela.

 ??  ?? BRILLIANT KHUZWAYO
BRILLIANT KHUZWAYO
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa