Isolezwe

Owamagqubu owe-Italy namaBhokob­hoko

- MTHOKOZISI MNCUSENI

ISIMO azithola ekusona umqeqeshi wamaBhokob­hoko, u-Allister Coetzee, simphoqa ukuba angalokoth­i azame abadlali abangakaze babonakale eqenjini lesizwe ngisho nasemidlal­weni ebukeka ilula njengowe-Italy okusasa eStadio Euganeo, ePadova, ngo-3 ntambama ekuhambeni.

Baningi abadlali abasezinge­ni lokunikwa ithuba kodwa ngeke akucabange lokhu uCoetzee ngoba umqondo wakhe ubuswa yindlela iqembu lakhe elidlala ngayo kulezi zinsuku. Umdlalo we-Italy owamagqubu ngoba ngesizini edlule kwenzeke imbedumehl­wana leli qembu laseMzansi likhala ngaphansi kwi-Azzurri okokuqala ngqa emlandweni.

Nakuba kubukeka kunzima ukuthi uCoetzee azwise abadlali bakusasa ithuba kodwa maningi amathuba okuthi athole ijezi okokuqala uWarrick Galant weBlue Bulls. Ikhono lakhe alingatsha­zwa futhi kungenzeka ukuthi yena nabadlali abafana noLukhanyo Am, Sibusiso Sithole nabanye abaningi yibona abaphethe ukhiye wekusasa nokuvuka kwamaBhoko­bhoko.

UGalant ubengomuny­e wabadlali baphambili abebegqami­le eNingizimu Afrika kule sizini yeSuper Rugby neCurrie Cup ka-2017. Njengoba ezoqala ebhentshin­i e-Italy maningi amathuba namathemba okuthi alizwe ijezi okokuqala.

Ngeke abe khona kulo mdlalo uSiya Kolisi obuyele ekhaya ukuzoba nomkakhe njengoba bezokwamuk­ela ingane emndenini. Akwaziwa noma kuzolitham­bisa yini lokhu iqembu kwazise uKolisi uyena obebukeka efaka umdlandla ngesikhath­i amaBhokobh­oko enqoba ngengcacam­ezela kwiFrance ngeledlule.

Ngesikhath­i amaBhokobh­oko eshaywa yi-Italy nyakenye uCoetzee ubebophele bonke abadlali abamqoka kuyena okuholele ekutheni asishintsh­e sonke isikimu emdlalweni olandele lapho. Kuyaqaphel­ekake nokho ukuthi nakule sizini uCoetzee uzodlala ne-Italy alandele ngeWales njengoba kwenzekile ngonyaka ofile.

Kulo mdlalo kuzoqala uHandre Pollard, aye ebhentshin­i u-Elton Jantjies kanti noPeter-Steph du Toit ubuyile ekulimalen­i noMalcolm Marx no-Eben Etzebeth.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UWARRICK Galant weBulls, ovinjwa nguJoaquin Tuculet weJaguares emdlalweni weSuper Rugby owawuseLof­tus Stadium, ngoEphreli, usethubeni lokuthola ijezi esikimini sikaCoetze­e
Isithombe: BACKPAGEPI­X UWARRICK Galant weBulls, ovinjwa nguJoaquin Tuculet weJaguares emdlalweni weSuper Rugby owawuseLof­tus Stadium, ngoEphreli, usethubeni lokuthola ijezi esikimini sikaCoetze­e

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa