Ufihlele i-Arrows induku emqubeni
UMQEQESHI weCape Town City, uBenni McCarthy, uthukuse induku emqubeni ngesibabuli sakhe esibuya ekulimaleni, u-Aubrey Ngoma, athembise ukumdedela okokuqala emdlalweni we-Absa Premiership okusasa ngo-8.15 ebusuku neLamontville Golden Arrows ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu.
UNgoma, ohlinzwe idolo ngoJulayi nonyaka, umangaze abaningi elulama ngokushesha kunalokhu obekulindelekile. Ukulimala kukaNgoma, oshayele iCity amagoli ayisikhombisa wayakhela namagoli awu-16 ngesizini edlule, kumkhiphe naseqenjini iBafana Bafana kwazise ubebukeka sengathi useyangena ezinhlelweni zikaStuart Baxter oqeqesha iqembu lesizwe.
Emdlalweni wakusasa uBenni ubhekene neqembu abambene nalo phezulu kwi-log ngamaphuzu awu-16 kodwa usele ngomdlalo owodwa kwezikaClinton Larsen. Kusemqoka kuwona womabili amaqembu ukunqoba kwazise phakathi nesonto alahle amaphuzu ebambana neBaroka FC ne-Orlando Pirates ngokwehlukana.
“Maningi amathuba okuthi simdedele uNgoma kulo mdlalo ngoba useluleme ngokugcwele kanti namaphuzu ayadingeka impela. NakoweBaroka bengingamdlalisa kodwa ngaqoma ukungakwenzi lokho ngenxa yesimo sezulu ebesingesihle. Bekuzokwenzekani nje sengimbophela uNgoma bese eshibilika mhlawumbe athunukale? Ngeke lokhu ngikwenze ngoba ngizobe ngingazibulali mina ngedwa njengomqeqeshi kepha ngizobe ngibeka nekusasa lakhe engcupheni,” usho kanje uBenni.
Ngemuva kokubambana nePirates ngo 0-0, uLerato Lamola uhlabe ikhwelo kozakwabo ukuba benze konke okusemandleni ukuqoqa amaphuzu agcwele ngoba badlalela ekhaya.
“Sidlala kahle impela ekuhambeni kodwa sekuyisikhathi sokuthi kwaziwe ukuthi KwaMashu amaphuzu ayasala ngaso sonke isikhathi. Siyakwazi okufanele sikwenze ngakho-ke nginethemba lokuthi sizobhukula sonke siqinisekise ukuthi iCity iyaguqa. Ngeke siyizele ngobuso ngoba akuwona umlingo njengoba ibambene nathi ngamaphuzu esicongweni. Kusemqoka ukuthi siyihloniphe ngendlela efanele kodwa konke esikwenzayo kufanele yazi ukuthi yithina esidlalela ekhaya,” kusho uLamola.
Kusenjalo, ukhala ezimathonsi umqeqeshi waMaZulu, uCavin Johnson omelwe ukuyobhekana ne-Ajax Cape Town ngaphandle kukaPhumlani Gumede othole ikhadi elibomvu Usuthu lubambana neKaizer Chiefs. I-Ajax ibingadlali phakathi nesonto ngoba iSuperSport United obekumele idlale nayo ilungiselela oweCAF.
Imidlalo yeNedbank Cup yamaqembu eNFD:
Super Eagles v Black Leopards; Jomo Cosmos v Ubuntu Cape Town; Witbank Spurs v Richards Bay FC; Cape Town All Stars v Tshakuma; Stellenbosch v Mbombela United; Mthatha Bucks v Uthongathi FC; Royal Eagles v University of Pretoria; Highlands Park v Real Kings.