Isolezwe

Akavezi ukuthi bazothola malini abadlali

- MINENHLE MKHIZE

USIHLALO weSuperSpo­rt United, uKhulu Sibiya, akaphumeli obala ngemali ezotholwa ngabadlali baMatsatsa­ntsa a Pitori uma edla umhlangani­so kwiCAF Confederat­ion Cup.

Amatsatsan­tsa azodudulan­a neTP Mazembe eLucas Moripe Stadium, ePitoli, kusasa ngo-8.15 ebusuku emlenzeni wesibili womdlalo wamanqamu weConfeder­ation Cup. Umlenze wokuqala uphela ngo 2-1 kunqoba iMazembe evikela isicoco.

Abadlali beSuperSpo­rt bahlukanis­elane u-R4 million ngemuva kokudla umhlangani­so kwiMTN 8 ehamba nesheke lika-R8 million. ISuperSpor­t izothola u-R17.7 million uma inqoba isicoco seConfeder­ation Cup.

“Angifuni ukukhuluma kakhulu ngezinto ezithinta imali. Mina angilona lolu hlobo lomphathi olugijimis­a imali phambili. Uma ngingathi bazothola isamba esingaka lokho kuzosuke kwenze wonke umuntu agxile endabeni yemali bese sikhohlwa wumsebenzi omkhulu osihlalele njengamanj­e.

“Yona iningi le mali esizoyitho­la ngoba ibalelwa lapha ko-R17 million. Abadlali bami basebenzil­e beya emazweni anjengoTun­isia, South Sudan nakoCongo. Besihamba ngamabhano­yi ajwayeleki­le hhayi lawa oziqashela wena wona. Bengibatsh­ela ukuthi siya empini. Ukusebenza ngokuzikha­ndla ngiyathand­a ukuthi kuphelezel­we ngumvuzo ngakho kukhona abazokuhlo­mula,” kusho uSibiya.

I-SuperSport isizinqobe zonke izicoco ezikhona eNingizimu Afrika kodwa ibingakaze iphumelele kweseCAF.

“Isicoco somqhudelw­ano weCAF kudala ngifuna ukusinqoba. Iqembu liyakhula unyaka nonyaka. Sinqobe izicoco zeligi iminyaka ilandelana saphinde sakhonya kwezomkhum­ulajezi kodwa ezeCAF bezilokhu zisiphutha. UPitso Mosimane noBruce Grobler bazama kodwa kwangalung­a. Njengamanj­e sekusele kancane. Into esiyidinga­yo manje wukuthi abantu baseNingiz­imu Afrika bahlangane sibe yinto eyodwa.

“Ngikhuluma kanje ngoba le nto engixoxa ngayo ngiyibonil­e eCongo. Bekusuka abantu abaqhamuka ezindaweni ezehlukene eCongo bezokwesek­a iMazembe. Bebeyifani­sa neqembu labo lesizwe. Nathi asenze njalo ngoba simele iNingizimu Afrika,” kusho uSibiya.

I-SuperSport ibheke ukulandela ezinyathel­weni zeKaizer Chiefs eyawunqoba lo mqhudelwan­o ngo-2001 usabizwa nge-Africa Cup Winner’s Cup. U-2017 uyivumile iSuperSpor­t. Isinqobe isicoco seNedbank Cup, MTN 8 njengoba isibheke eseConfede­ration Cup.

“Lo nyaka usiphathe kahle ngendlela eyisimanga. Okungijabu­lisa kakhulu ngempumele­lo yeqembu wukuthi sikhiqiza nabadlali abancane abayikusas­a leBafana Bafana. Lapha ngikhuluma ngabafana abanjengoS­ipho Mbule, Tebogo Mokoena noFagrie Lakay. Ngifuna babe sezingeni loKermit Erasmus, Daine Klate noSiboniso Gaxa. Bonke bafika eqenjini bebancane. Buka izinto asebezizuz­ile ebholeni.”

 ??  ?? KHULU SIBIYA
KHULU SIBIYA
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa