Abakhaya nezinselelo ezingefani
NGESIKHATHI umqeqeshi we-Orlando Pirates, uMilutin “Micho” Sredojevic, ebhekene nenkinga yokuxazulula ukungashaywa kwamagoli eqenjini lakhe kufanele ukuthi umkhaya wakhe kwiBloemfontein Celtic, uJulesic Veselin, uzobe ebheke ukuthi umgadli wakhe uTshegofatso Mabasa uyaqhubeka nokuboniswa inethi uma la maqembu esehlangene kowe-Absa Premiership.
Umdlalo ungeSonto ngo-3.30 ntambama eDr Molemela Stadium, eBloemfontein.
Kulindeleke ukuthi ushube umdlalo njengoba uSredojevic eveze ukuthi uVeselin wayenguthisha wakhe. Ngokwemiphumela yakamuva kubonakala sengathi uthisha usahamba phambili njengoba esethathe iCeltic wayibeka endaweni yesine kwi-log ngamaphuzu angu-16 emidlalweni eyishumi.
I-Pirates yona esinemidlalo engu-11 seyehlele endaweni yesishiyagalombili ngemuva kokuqhuba imidlalo eyisithupha inganqobi.
I-Bucs idlale emine ngokulingana okuhlanganisa nowangoLwesibili neLamontville Golden Arrows ophele ngo 0-0 phezu kokuphatha umdlalo. Ihlulwe kwemibili.
“Inkulu inkinga yokungashawa kwamagoli kuleli lizwe. Lokhu ngikusho ngenkulu inhlonipho. Sengihambe amazwe angu-138 umhlaba wonke.
“Angikaze ngibone kulahla amathuba njengoba kwenzeka eNingizimu Afrika,” ucashunwe esho kanje uMicho.
Uthe emathubeni abawakhayo ayishumi okungenani kufanele kungene elilodwa. Uma bakha angu-20 kumele kungene amagoli amabili.
Njengoba amehlo ethe njo kuMicho ngokuthi uzowakhuphula kanjani amaBhakabhaka, uVeselin uziqhubekela nomsebenzi wakhe eBloemfontein enganakiwe njengoba esethathe leli qembu walifaka kowamanqamu weTelkom Knockout.
Ngaphandle kukaMabasa okhombisa ukudlondlobala kusukela enyusiwe esuka eqenjini leMultichoice Diski Challenge lapho ebeqhulula amagoli ngesizini edlule, kukhona izibabuli uKabelo Mahlasela, Jacky Motshegwa, Rigobert Nyundu noNdumiso Mabena bonke asebeshayele iPhunya Sele Sele amagoli.
Ngesizini edlule lo mdlalo uphele ngo 0-0 kwathi ekuhambeni iCeltic yanqoba ngo 2-1.
Omunye umdlalo obhekiwe ngeSonto ophakathi kweBaroka FC nePlatinum Stars ePeter Mokaba Stadium. Imidlalo ye-ABSA Premiership: Kusasa: Maritzburg United v Bidvest Wits (3.30pm, Harry Gwala Stadium); Chippa United v Mamelodi Sundowns (3.30pm, Nelson Mandela Bay); Kaizer Chiefs v Free State Stars (6pm, Moses Mabhida Stadium); Ajax Cape Town v AmaZulu FC (8.15pm, Athlone Stadium); Golden Arrows v Cape Town City (8.15pm, Princess Magogo Stadium).
NgeSonto: Bloemfontein Celtic v Orlando Pirates (3.30pm, Dr Molemela Stadium); Baroka FC v Platinum Stars (3.30pm, Peter Mokaba Stadium).