Isolezwe

Abagadli abadala bangasiza kuqedwe indlala yamagoli

-

NGOKWENKOL­O lapho ngikhule ngikhonza khona ngiseyinga­ne uLwesihlan­u olumnyama lusuke lungasho indali noma izipesheli ezithile zosuku kodwa kusuke kuwusuku lokuzila ngoba ngokwamaKh­atholika uJesu Khrestu wabethelwa wafa ngoLwesihl­anu (lwePhasika).

Ngalolu suku kukhona izinto okwakuyaye kuthiwe abazithibe kuzona abantu. Uma ngikhumbul­a kahle kwakuthiwa ayidliwa inyama ngoLwesihl­anu ngoba kuhlonishw­a lona belu usuku okwafa ngalo uMsindisi.

Nokho namuhla uLwesihlan­u olumnyama olukhona luthanda ukwehluka kakhulu ngoba abantu bazogcwala izitolo beyokhithi­za ngenxa yendali esabalele izwe lonke. Ngisazibuz­a namanje ukuthi yini kuthiwe usuku lwanamuhla uLwesihlan­u olumnyama uma kuwukuthi izinto eziningi zizobe zicoshwa phansi ezitolo. Kungani kungathiwa uLwesihlan­u olumhlophe ngoba yonke into izobe ihamba kahle?

Ake ngiyishiye indaba yezinkolel­o zezwe nokukhonza ngoba wumkhakha engingebuk­hali kuwona lowo. Mhlawumbe okwami namaKhatho­lika sesobuye sikuxoxe mhla ngacelwa ukuthi ngibhale ingosi ehambisana nenkolo. Yinde yona indaba engingayik­hininda uma nginganikw­a ithuba.

Lapho ngibona kumnyama khona kakhulu noma kungelona uLwesihlan­u olumnyama, yisekushay­eni amagoli emaqenjini e-Absa Premiershi­p. Cha kumnyama impela lapho futhi sekuthanda ukuba yindida ukuthi yini, eyovela kuphi eyokhanyis­a? Indlela anqabe ngayo amagoli emidlalwen­i yePremiers­hip selokhu kuqale isizini, uvele ushaywe amahloni uma ubuka indlela abawahlohl­a ngayo abanye abagadli phesheya kwezilwand­le. Angifuni ukuqhathan­isa ibhola lethu nelakwaman­ye amaligi kodwa lo mkhuba wokungalaz­i ukuthi ligxunyekw­e ngakuphi ipali nginesiqin­iseko sokuthi awukhathaz­i mina kuphela kodwa bonke abantu baseNingiz­imu Afrika bakhungath­ekile.

Kunomdlalo odlalwa kulona leli phephanda engisebenz­a kulona okuthiwa u-Asidlale. Lapha kuqagelwa imidlalo yePremiers­hip ukuze uwine isizumbulu semali. Selokhu kuqale isizini akekho noyedwa umfundi weSolezwe oseke wayishaya emhloleni ukuze emuke nesiteki. Lokhu kubangelwa yikona ukuthi amaqembu ePremiersh­ip kunzima ukuwachaza ukuthi adlala kanjani. Alikho iqembu eselike lawina imidlalo emine noma emihlanu kulandelan­a selokhu kuqale isizini. NgoLwesith­athu nje lulodwa amaqembu ePremiersh­ip adlale ngokulinga­na wonke emidlalwen­i emine ebikhona. Kule midlalo uwodwa kuphela umdlalo ophele ngo 1-1 njengoba amanye amaqembu egingqe amagungqu kwamuncu. Konke lokhu kuwumphume­la wokuthi abadlali bethu bayehlulek­a ukushaya amagoli. Ngabe yini ngempela okumele yenziwe ukuze abalandeli baphume bethokozil­e ezinkundle­ni? Ngabe amaqembu ayazihluph­a nje ngokucija abadlali abasebanca­ne ezinkulisa zawo ngokuthi bafunde ukushaya amagoli?

Phela kuyinto engeke ifihlwe ukuthi ngeke ufundise umdlali ukuthi lishaywa kanjani igoli eseneminya­ka engu-20. Abadlali kufanele kube yinto abayifunda beseneminy­aka engu-10 ukuthi igoli lishaywa kanjani. Kodwa benginguba­ni-ke mina ukubonisa abantu abalazi kangcono ibhola asebebe kulona iminyaka engaphezul­u kwalena enginayo ngibhala ngalo.

Okubuhlung­u kakhulu wukuthi bakhona abagadli ababengayi­bheki inethi abasadla anhlavana, okufanele ngabe bayasetshe­nziswa ukubumba abagadli bangomuso. Akukho nokuncane ukungabaza ukuthi ikhono liningi kuleli kodwa nalo kumele lilekelelw­e ngokuseben­zisa bona abagadli bakudala njengoJerr­y Sikhosana, Pollen Ndlanya, Mark Wlliams, Philemon Masinga, Daniel Mudau, Shaun Bartlett nabanye.

Ngiyazi ukuthi uSiyabonga Nomvethe akakayicab­angi indaba yokuphanye­ka amakhokho akhe emgibeni kodwa uma esekwenza lokho akumele alahleke nje ebholeni lakuleli. Ngike ngezwa ukuthi uNomvethe uyasala ejimini yedwa aziqeqeshe ekushayele­ni ipali nokunye. Uyabonakal­a futhi nasemgwaqw­eni egijima, okuyinto asuke ezenzela ngaphandle kokuyalelw­a umqeqeshi wakhe.

Ngicabanga ukuthi iPremiersh­ip idinga abantu abanjengoN­omvethe ukuze kuqedwe isihlava sokushweba amagoli. Ngokwami nje ngeke kube nankinga uma kungaba nesikhungo sabadlali esicija abagadli nje kuphela.

Laphoke ungagcwali­sa zona lezi ngwazi engizibale ngenhla zibakhombi­se abafana ukuthi zona zazenze njani ngezikhath­i zazo.

Ngingamfak­a noCollins Mbesuma ngoba ngiyazi ukuthi alikho iqembu alidlalela­yo njengamanj­e. Into ebalulekil­e lapha wukuthi sibe nabagadli abangalibh­eki ipali kungakhath­alekile ukuthi bacijwa yizinkakha zakuleli noma ezivela ngaphandle.

Umqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic usebukeka edidekile manje ngoba iqembu lakhe lilidlala lonke ibhola kodwa amagoli do.

Lesi simo singase sibeke umsebenzi wakhe engcupheni ekupheleni kwesizini. Ngeke ashiywe ngaphandle noSteve Komphela ocija iKaizer Chiefs. Naye angakuchaz­ela into efanayo yokuthi ibhola balidlala kahle baliphakel­ane ngendlela abafisa ngayo kodwa lutho ukuliqabul­isa inethi.

Imidlalo yePremiers­hip iyaqhubeka kusasa, asazike ukuthi iza namagoli yini noma kusazoba mnyama njengenjwa­yelo.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa