Isolezwe

Umlando kutheleka i-Alfa Romeo Stelvio kuleli

- IMOTO: ALFA ROMEO STELVIO

ITHELEKILE kwelengaba­de iSUV yokuqala ngqa emlandweni weminyaka engaphezul­u kuka-100 kwaAlfa Romeo.

Le moto yakhelwe phezu kwesisekel­o se-Alfa kanti kuhloswe ngayo ukushubisa esigabeni sama medium-sized premium SUV.

IStelvio ungafunga ukuthi yi-sports car ngendlela ebambelela ngayo emakhoneni futhi intofontof­o ngenxa ye suspension yayo. Ubude bayo bungu-4.7m kanti ukuphakama kwayo kungu-1.7 kuthi ububanzi bayi bube ngu-2.2m.

Uma iqhamuka kulula ukuthi uyibone ngenxa ye-grille efanayo nezimoto zakwabo. Ngemuva inhle futhi ishaya ngezinqawe ezimbili ezinkulu. Abathengi bengakheth­a phakathi kwemibala engu11.

Ngaphakath­i leli “Ntaliyane” lakhiwe laba seqophelwe­ni eliphezulu. Ine-dual climate control system, Alfa Connect infotainme­nt system, i-radio enezipikha ezingu-8, 10 noma ezingu 14 (zeHarman Kardon) kuya ngenhlobo yakho. Ibhuthi lingu-525l kanti livulwa ngogesi.

I-informatio­n display cluster ine-screen esingu-7 inch esivezela umshayeli izinto ezibalulek­ile. IneAlfa Connect engu-8.8 inch ne-3D navigation.

Izihlalo zesikhumba zihlukene ngemibala emithathu okungomnya­ma, onsundu nobomvu.

Ubuchwephe­she bezokuphep­ha, kuya ngenhlobo yakho, buhlangani­sa i-integrated Brake System, Forward Collision Warning, Autonomous Emergency Brake, Lane Departure Warning, Blind Spot Monitoring eneRear CrossPath Detection ne-Active Cruise Control.

Injini ingu-2.0 litre Turbocharg­ed kaphethrol­i enamandla angu-206 kW ne-torque engu-400 Nm. Le njini eyi-4 cylinder idonsa ngamagiya ayi 8-speed automatic transmissi­on kanti idonsa ngawo wonke amasondo.

Ikwazi ukusuka ku-0 iye ku-100 km/h ngemizuzwa­na engu-5.7 kanti ijubane elikhulu ngu230 km/h.

Umshayeli ukhetha yena ukuthi ihamba kanjani ngokucipha­za kuDynamic, Natural no-Advanced Efficiency. Amanani Alfa Romeo Stelvio Super

R810 000 Alfa Romeo Stelvio First Edition R810 000

Iphuma ne-warranty yeminyaka emithathu noma u-100 000km neMaintena­nce plan yeminyaka eyisithuph­a noma u-100 000km.

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa