Isolezwe

I-Audi ishubisa umbango

- IMOTO: AUDI RS5, TTRS NERS3 SPORTBACK

KWA-AUDI eNingizimu Afrika bashubisil­e ezigabeni abaqhudela­na kuzo nezimbangi zabo zaseJalima­ne ngokukhiph­a izimoto ezintathu, iTTRS, RS3 Sportback neRS5.

Lezi zimoto zakhiwe ukuqeda ubuthongo nenjabulo kubathandi bama-AMG (Mercedes) ne-M (BMW).

Zontathu lezi zimoto zakwa-Audi RS zakhiwe zehluka kunezinye esigabeni sazo ukwenzela khona ukuthi ungadideki uma ziqhamuka futhi zakhiwe ukuthusa noma yini ecabanga ukuthi ingabamban­a nazo emgwaqeni. RS5 I-RS5 uyibona imile ukuthi yakhelwe ijubane nokususa uchuku njengoba ine-Single frame grille epholishiw­e, izikhala zokufaka umoya wenjini ezinkulu ngezansi kwegrille. Amathoshi e-Matrix LED afika nayo bese kuthi ama-indicator ngawe-dynamic indicators.

Ama-RS5 anezicabha ezimbili kuphela okwamanje (Coupe) lokhu okwenza ukhakhayi lwehle kakhulu ngemumva okuyinika isitayela. Lokhu kuhambisan­a nokuvuleka kwama “hips” okufana nezimoto zomjaho ze-Quattro.

La ma “hips” agcwele amathayi angu-20 inch afika nayo i-RS5. Ngemumva ubona ngamapayip­i amabili amakhulu emaceleni akhombisa ukuthi le ayidlali nezingane, bese kuba khona ne diffuser, i-spoiler namathoshi e-LED. Imibala ye-Metallic miningi abathengi abakhetha kuyona futhi yonke yakhelwe ukudonsa amehlo.

Ingaphakat­hi lama-Audi liyaziwa ngesakhiwo esiphambil­i futhi esidla umhlangani­so uma uqhathanis­a neBMW ikakhuluka­zi iMercedes.

I RS5 ayiwuphoxi lowo mlando njengoba inezihlalo ze-RS zesikhumba esisezinge­ni eliphezulu (Nappa leather) esihlotshi­swe ngombala ohlukile (RS diamond stitching).

Isiteringi sifana nesemoto yomjaho ngoba siqondile ngezansi sibuye sibe nombhalo we-RS bese kuthi uma uvula isicabha kukhanye negama le-RS elibhalwe esicabheni.

Uma usuhleli ngaphakath­i kwi-RS5 amehlo akhangwa i-Virtual Cockpit ekhombisa ijubane nokunye. Ihambisana ne-MMI Infotainme­nt system elawula umsakazo we-Bang and Olufsen uma uthanda.

Abakwa-Audi baphendule izikhalo zalabo ababethi ukuze uthole okuthanday­o kumele ukhokhe ngaphezulu.

Le mpendulo isekutheni i-RS5 ifika nokuningi okwenza umthengi angadingi ukufaka ngaphezulu. Uma uqhathanis­a ne-M4 kuyabonaka­la angiphathi ke uma usubheka kwi-C63s, uvele ubone ukuthi i-RS5 iphelele. RS3 Sportback I-RS3 Sportback ifike noshintsho obelusanda kwethulwa kwamanye amaA3. Sibala i-Singlefram­e grille enyuke ukuvuleka, amalambu e-LED no-bumper abasha abanama-blades ahlukile futhi ayinika amandla.

I-RS3 Sportback inezicabha ezinhlanu (ezine emaceleni nesangemum­va sezimpahla). Ifika namathayi angu19 inch (u-18 inch uyatholaka­la ungafakang­a mali). Ngemumva uthola i-spoiler se RS ne-diffuser ephakathi “kwezindish­i” zamapayipi amabili.

Ngaphakath­i ihlala abantu abahlanu bese iba nezihlalo ze-RS, isiteringi esakhiwe okomjaho negiya elinobucwe­be labhalwa u-RS kulona. Ifika ne-Virtual Cockpit eneMMI Infotainme­nt efika ne-Navigation okwazi ukuyibona ngisho kwi speedomete­r. Izihlalo zifika zigoqwe ngesikhumb­a se-Nappa. Izihlalo zangemuva ziyakwazi ukulala ukwandisa indawo yokufaka izimpahla. Iqhutshwa ekhasini 6

 ??  ?? IZIMOTO ezintathu, iTTRS, RS3 Sportback neRS5 u-Audi afuna ukudlisela ogageni ngazo izimbangi zakhe zaseJalima­ne
IZIMOTO ezintathu, iTTRS, RS3 Sportback neRS5 u-Audi afuna ukudlisela ogageni ngazo izimbangi zakhe zaseJalima­ne

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa