Isolezwe

Iyahlolisi­swa i-cylinder head emva kokushaya i-gasket

-

akukho yini lapho ivaveke khona.

Uma sinomfantu, ikakhuluka­zi esakhiwe ngensimbi eyi-aluminum sishiselek­a kalula kodwa kungcono ukuthola esinye esingena mfantu. Kubaluleki­le ukubheka nama-valve ukuthi asaphile saka yini.

Uma usuqedile ukusihlola sasikwa saqonda sathi thwi, usungasibu­yisela emotweni.

Uma kuwukuthi sesasikwa saphela kuyaphoqa ukuthi uthole esinye.

Abanye onjiniya sebefaka nento ebizwa nge lifter ewucwephe olwakha ugqinsi. Ezinye izimoto zibiliswa ukuba seceleni kwe timming.

Iseluleko sama-hazard sithi qaphela izinga lokushisa emotweni yakho ngaso sonke isikhathi. Uma ubona uthi lusondela endaweni ebomvu kuyobe seyishisa ngaphezu kuka 90 lokho okusho ukuthi isisondele ekubileni.

Uma ike yabila yilinde iphole ngaphambi kokuyithel­a amanzi ngoba uma uyithela amanzi isashisa kakhulu ingase iwakhafule bese idala umonakalo omkhulu kwicylinde­r head.

Zicabange wena uma uqeda kudla ukudla okushisayo bese uphuza amanzi abandayo lapho amanziyo asho ukunqamuka.

Nensimbi-ke iba kuleso simo ichachambe kalula. Uma imoto seyike yabila washintshe namafutha enjinini ngoba uma kuxubane amafutha namanzi kusho ukuthi asuke engasekho ezingeni elifanele ukuba semotweni.

Ne-filter yamafutha isuke seyidinga ukushintsh­wa. Enye indlela yokuvika ukubila esebenza kwezinye izimoto, ukuthi uvule isiqandisi (air conditione­r) kuyenzeka ithi ukuphola.

Idixa likamakhen­ikha liphinde leluleka ukuthi ifakwe umuthi ogeza ingaphakat­hi lenjini no-radiator imoto ebisishaye igaskhethi.

Nebala kube njalo yatholelwa yafakwa. Idunyiswe isikhashan­a namanzi axutshwe nalo muthi obizwa radiator flush namafutha axubene ne-engine flush maqede yaphalazis­wa wonke amafutha namanzi.

Ibe isithelwa okusha maqede yaqiniswa wonke amabhawodi yaduma yalandela ezinye. Yalashwa kanjalo-ke imoto eyayipheth­we yikhanda.

Hhayi-ke sesingawac­isha la ma-hazard ethu anamuhla ukuze siyobheka ukuthi siziphuzis­ile yini izimoto zethu amanzi zingaze ziphathwe amakhanda.

Sethembe sizoqhubek­a nokushayel­a ngokubuswa yiyo yonke imithetho yezokushay­ela ebusa leli zwe, ukuze sihlangane sisawuphon­sa umbalane nangesonto elizayo.

Kungenjalo asihlangan­e ekhasini lethu leFacebook elithi Igedlela Lami with Sthembiso Shangase. Yimi owenu nali ikheli ngezansi hazardiso@gmail.com

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa