Isolezwe

Bazimisele ngokwenza kahle

- INTATHELI YEZEZIMOTO

IQEMBU leVolkswag­en Motorsport lizimisele ngokwenza kahle emjahweni wokugcina weSasol GTC Series eZwartkops, ePitoli, ngempelaso­nto.

“Umjaho wethu wokugcina eKyalami emasontwen­i ambalwa edlule waba nemiphumel­a emihle,” kusho iNhloko yeVolkswag­en Motorsport, uMike Rowe.

URowe uthe uMathew Hodges waphuma phambili ngemuva kwemijaho emibili kwathi uzakwabo wabalwa nabaphambi­li emjahweni wesibili.

“Ngaphezu kwalokhu umshayeli omncane uKeagan Masters uvale isizini enhle ngokuba wumphetha weGTC2 kusasele umzuliswan­o wokugcina,” kusho uRowe.

Uthe uyazi ukuthi iZwartkops iza nenselelo entsha.

“IZwartkops ihlukile kuneKyalam­i kodwa sike saba nesivinini khona ngokudlule futhi uMathew noDaniel bazimisele ngokulwa ukuze banqobe umjaho.”

UHodges uthe kwaba mnandi ukuthi anqobe njengomsha­yeli wosuku eKyalami.

“Angifuni okudlula ukwenza okufanayo futhi ngale mpelasonto ngibonge iqembu neVolskwag­en ngokwenza njalo,” kusho yena.

Uzakwabo uDaniel Rowe naye unezinhlos­o ezifanayo.

“Sisengamsi­za uMathew ngokuthi anyuke ohlwini ngamaphuzu kodwa uma sizithola sisendawen­i yokulwela ukunqoba ngizoyibam­ba ngazo zombili,” kuchaza uRowe.

Laba bashayeli ngeke kube yibo kuphela abazoshaye­la izimoto zomjaho zakwaVolks­wagen eZwartkops. Kuzobe kukhona namaGolf GTI kaKeagan Masters noMandla Mdakane.

Ukuhlela ukuthi izimoto zizoqala kanjani kuzokwenzi­wa nmahlanje ntambama bese kuthi imijaho emibili ibe kusasa.

 ??  ?? ENYE yezimoto zeqembu leVolkswag­en Motorsport ezizoshaye­lwa eZwartkops Raceway ePitolo kusasa
ENYE yezimoto zeqembu leVolkswag­en Motorsport ezizoshaye­lwa eZwartkops Raceway ePitolo kusasa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa