Isolezwe

Zizobe zicela amehlo izimoto zakudala embukiswen­i wazo

- INTATHELI YEZEZIMOTO

UKHUZA ibuya umbukiso wezimoto zakudala, iClassic Car Show ezoba seNasrec Expo Centre, eGoli, ngoDisemba 3.

Umgqugquze­li womcimbi uPaulo Calisto uthe lo mbukiso uhlale ummangaza.

“Wonke amaClassic Car Show esiwenzayo isibalo sabantu sihlale sikhuphuka futhi kuyo yonke imicimbi kuba nenqwaba yezimoto zakudala engingakaz­e ngizibone phambilini,” kusho uCalisto.

Kulindelek­e ukuthi amaChev akudala ango-1955 no-1956 azobonakal­a eNasrec.

Azobe ebenyezela egqize nge chrome. Ngaphansi kwebhoneth­i kungalinde­lwa ukuthi zibe nenjini ephakathi kuka-4.6 litre nezinengu-8.0 litre.

“Ngiyayitha­nda indlela abukeka ngayo la maChev ne-suspension yawo eyehlile, amasondo avulekile kodwa asagxile esisekelwe­ni sawo,” kusho uCalisto.

Ezinye izimoto ezilindelw­e ngamaDodge, Ford nezinye.

Abahleli bathe kusukela kwethulwa iMustang entsha kuleli, awakudala phakathi kuka-1965 kuya ku-1973 yiwona afunwa kakhulu.

Amanye amaFord okulindele­ke ukuthi abe khona yiCortina ne-Escort.

Ezinye yiPlymouth Barracuda, Chevrolet Camaro ne-Oldsmobile 422.

NamaKombi akwaVW akudala nawo kuthiwa ayintandok­azi

Amathikith­i omcimbi abiza uR60 kwabadala kuthi awezingane ezingaphan­si kweminyaka engu abize R20 eComputick­et. Esangweni azoba nguR80 kuthi awezingane abe nguR20.

Abeza nezimoto zakudala bazongena mahhala.

 ??  ?? AMA-CHEV Coupe ango-1956 angezinye zezimoto ezizokhonj­iswa embukiswen­i
AMA-CHEV Coupe ango-1956 angezinye zezimoto ezizokhonj­iswa embukiswen­i
 ??  ?? IKHUMBI yakudala engasajway­elekile iVW Kombi izobonakal­a embukiswen­i
IKHUMBI yakudala engasajway­elekile iVW Kombi izobonakal­a embukiswen­i
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa