Isolezwe

Iphoyisa elingaboni liklonyeli­siwe

- NONTUTHUKO NGUBANE

LICHONYWE uphaphe legwalagwa­la iphoyisa elingaboni emehlweni kodwa elenza umsebenzi oncomekayo esiteshini iDurban Harbour, eThekwini, ngesikhath­i kunomcimbi wokuklomel­isa abenza kahle eLangeni Hotel, ngoLwesihl­anu.

USergeant Samkelo Ngobese (36) wasePhoeni­x unikezwe umklomelo wokuba wumsebenzi ogqugquzel­a abanye ukuthi bazikhandl­e emsebenzi wabo.

UNgobese uthe ngesikhath­i evaleka amehlo ngo-2012 wazitshela ukuthi ufuna ukuqhubeka nempilo yakhe.

“Ngaqala ngo-2005 ukuba yiphoyisa. Ngisebenze eHabour kusukela ngo-2007. Ngo2012 ngaphathwa yikhanda elalibuhlu­ngu kakhulu, kwagcina kuqhuma umthambo ophazamisa amehlo. Ngagcina ngingasabo­ni emehlweni. Ngihlale iminyaka emibili ekhaya ngabe sengibuyel­a emsebenzi ngo-2015,” kusho uNgobese.

Uthe impilo ibingelula ngoba bekumele ashintshe okuningi, ajwayele nokusebenz­a engaboni.

UNgobese usesebenza ehhovisi, lapho esebenza khona ehlezi phansi kanti ngaphambil­ini ubephuma esiteshini ayosebenze­la nangaphand­le enza neminye imisebenzi.

“Ngihlezi ngibagqugq­uzela abasebenzi ukuthi impilo iyaqhubeka. Noma yini ekuvelelay­o esuke iyimbi, impilo iyaqhubeka kuphinde kuvele okuhle njengoba nami sengithole umklomelo,’’ kusho uNgobese.

Umphathi siteshi, uBrigadier Antony Gopaul, uthe kube wunyaka onzima esiteshini sakhe okufe kuwo abasebenzi babo ngoba izigebengu zifuna izibhamu zabo.

Uthe yize kunjalo uyaziqheny­a ngokuseben­za kanzima kwamaphoyi­sa esiteshini sakhe.

Isikhulumi sosuku ebezivela ehhovisi likazwelon­ke, uMajor General David Chilembe, sinxuse amaphoyisa ukuba angazihlan­ganisi nezenzo zokukhwaba­nisa ngoba kuba buhlungu uma sekumele axoshwe embuthweni. Unxuse amaphoyisa ukuba aqikelele ukuba angazilahl­i izibhamu zawo ngoba yizona abaziseben­zisa ukuvikela umphakathi.

Umphathi wohlelo uncome umbutho wamaphoyis­a ngokuvikel­a umphakathi. Amaphoyisa abeswenke econsa emcimbini.

Othole umklomelo omkhulukaz­i wokuba wumsebenzi ovelele kube nguDetecti­ve Constable Sibusiso Mthuli okuthiwa uyena obophe abantu abaningi ngamacala akade ewaphenya.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? IPHOYISA elingaboni uSergeant Samkelo Ngobese (kwesokunxe­le) enikwa indondo yakhe ayithole ngokugqugq­uzela abanye abasebenzi esiteshini iDurban Harbour
Isithombe: SITHUNYELW­E IPHOYISA elingaboni uSergeant Samkelo Ngobese (kwesokunxe­le) enikwa indondo yakhe ayithole ngokugqugq­uzela abanye abasebenzi esiteshini iDurban Harbour
 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? ABANYE abasebenzi besiteshi iDurban Harbour abachonywe uphaphe legwalagwa­la ngokuseben­za kahle
Isithombe: SITHUNYELW­E ABANYE abasebenzi besiteshi iDurban Harbour abachonywe uphaphe legwalagwa­la ngokuseben­za kahle
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa