Bazovalelwa amanzi ngoKhisimusi
BAZODLA uKhisimusi bengenamanzi abantu abahlala koMasipala abawu-30 abakweleta uMnyango wezaManzi neNhlanzeko u-R10.7 billion.
Izolo ungqongqoshe womnyango, uNkk Nomvula Mokonyane, uthe omasipala abakweletayo ubanikeza kuze kube wuDisemba 8 ukuthi bakhokhe izikweletu zabo, uma bengakhokhi uzowavala amanzi abathunyelwa wona.
Esithangamini sabezindaba ebesiseGauteng, uMokonyane uthe kudala ezama ukuthola imali komasipala, udaba waze walusa enkantolo kodwa balokhu bemziba.
“Kubuhlungu ukuthi abantu bangase bangabi namanzi yize bekhokha ngenxa yokuthi omasipala abahlala kubo bayakweleta. Okuzokwenzeka wukuthi uma umuntu evula umpompi ekhaya kuzophuma iconsi esikhundleni samanzi ajwayele ukuwathola. Nathi siyayidinga imali yingakho siwavala amanzi,” kusho uNkk Mokonyane.
KwaZulu-Natal nguMasipala waseZululand othathwa njengomasipala ongazwani nokukhokha njengoba unesikweletu esingaphezu kuka-R56 million.
Ngesonto eledlule iMenenja kaMasipala yayithe izolubheka udaba ngoba ibingakezwa ngalo kodwa izolo ayitholakalanga ukuphawula ngoba ibisemhlanganweni.
UNkk Mokonyane ugqugquzele omasipala ukuthi bakhokhe ngoba imali ithuthukisa ingqalasizinda yamanzi.
“EGauteng umasipala ongakhokhi owaseMfuleni onecala lokungcolisa amanzi. Kumanje ungqongqoshe wezindaba zokubusa ngokubambisana nezindlu eGauteng umatasa ulungisa udaba lwakhona ngoba akafuni ukuthi abantu abangenacala bagcine bengenamanzi,” kusho uNkk Mokonyane.
Uveze ukuthi bawu-186 omasipala abangazikhokhi kahle izikweletu zabo kwabangu-204 baseNingizimu Afrika.