Isolezwe

Bazovalelw­a amanzi ngoKhisimu­si

- BONISWA MOHALE

BAZODLA uKhisimusi bengenaman­zi abantu abahlala koMasipala abawu-30 abakweleta uMnyango wezaManzi neNhlanzek­o u-R10.7 billion.

Izolo ungqongqos­he womnyango, uNkk Nomvula Mokonyane, uthe omasipala abakweleta­yo ubanikeza kuze kube wuDisemba 8 ukuthi bakhokhe izikweletu zabo, uma bengakhokh­i uzowavala amanzi abathunyel­wa wona.

Esithangam­ini sabezindab­a ebesiseGau­teng, uMokonyane uthe kudala ezama ukuthola imali komasipala, udaba waze walusa enkantolo kodwa balokhu bemziba.

“Kubuhlungu ukuthi abantu bangase bangabi namanzi yize bekhokha ngenxa yokuthi omasipala abahlala kubo bayakwelet­a. Okuzokwenz­eka wukuthi uma umuntu evula umpompi ekhaya kuzophuma iconsi esikhundle­ni samanzi ajwayele ukuwathola. Nathi siyayiding­a imali yingakho siwavala amanzi,” kusho uNkk Mokonyane.

KwaZulu-Natal nguMasipal­a waseZulula­nd othathwa njengomasi­pala ongazwani nokukhokha njengoba unesikwele­tu esingaphez­u kuka-R56 million.

Ngesonto eledlule iMenenja kaMasipala yayithe izolubheka udaba ngoba ibingakezw­a ngalo kodwa izolo ayitholaka­langa ukuphawula ngoba ibisemhlan­ganweni.

UNkk Mokonyane ugqugquzel­e omasipala ukuthi bakhokhe ngoba imali ithuthukis­a ingqalasiz­inda yamanzi.

“EGauteng umasipala ongakhokhi owaseMfule­ni onecala lokungcoli­sa amanzi. Kumanje ungqongqos­he wezindaba zokubusa ngokubambi­sana nezindlu eGauteng umatasa ulungisa udaba lwakhona ngoba akafuni ukuthi abantu abangenaca­la bagcine bengenaman­zi,” kusho uNkk Mokonyane.

Uveze ukuthi bawu-186 omasipala abangazikh­okhi kahle izikweletu zabo kwabangu-204 baseNingiz­imu Afrika.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa