Isolezwe

Kugqashuke izibopho iBucs inqoba

- LUNGILE MAJOKA

KUFANE nokugqashu­ka kwezibopho zamaketang­a abekinatel­e i-Orlando Pirates enqobe okokuqala ngempelaso­nto ngemuva kwemidlalo eyisithuph­a ingawini kwi-Absa Premiershi­p.

Lokhu kushiwo ngumqeqesh­i wePirates, uMilutin “Micho” Sredojevic ephawula kwithelevi­shini ngemuva kokuthatha amaphuzu amathathu beshaya iBloemfont­ein Celtic ngo 1-0 wegoli likaMusa Nyatama emdlalweni weligi ngeSonto.

Ngalo mphumela leli qembu laseSoweto ligxumele endaweni yesibili kwi-log ngamaphuzu angu-18.

“Sidlale kahle kakhulu ngemuva kokuzilung­iselela ekwakheni amathuba okushaya amagoli. Enye yazo kube wukuthi abadlali bazibeke ezindaweni ezingcono ebhokisini njengoba kwenzekile ngoMusa Nyatama ebese simphushel­e phambili,” kusho uSredojevi­c.

“Sisebenze kanzima ukuhlakaza lolu donga obelusivim­bile emiqondwen­i yethu ngemuva kwemidlalo eyisithuph­a singawini. Ukuwina lokhu ngeke kugcine ngokusikhu­lula imiqondo kodwa kuzosiqaqa nemilenze njengoba uma ubophekile engqondwen­i nemilenze iyabophana.”

Amathambo abengahlan­gani impela kulesi sikhathi esicishe sibe yizinyanga ezimbili kwazise ngaphambi komdlalo weCeltic, iBucs yayigcine ukunqoba kwiligi ngoSepthem­ba ishaya iCape Town City.

Emdlalweni odlule weLamontvi­lle Golden Arrows ophele ngo 0-0, uMicho obebonakal­a esedidekil­e ngezinga lokugeja, wabalisa kakhulu ngesihlava asibona eNingizimu Afrika sokumoshwa kwamathuba amagoli. Njengoba enqobile uthe wethemba ukuthi bazoqhubek­a nalo mgqigqo.

Umdlalo olandelayo bazothutha­na kuwo neSuperSpo­rt United ngoDisemba 5 e-Orlando Stadium.

“Ibhola lidlalelwa abalandeli njengoba bebephume ngobuningi lapha (koweCeltic). Siyajabula kakhulu ngokuphume­lela sibhekene neqembu elinzima. Sifuna abadlali baqhubeke nokudlalel­a leli bheji,” kusho uSredojevi­c.

Emdlalweni weCeltic kubuye noThami Sangweni obelimele kanti uLuvuyo Memela uthole ithuba waze waqokwa njengomdla­li ovelele.

“Baningi abadlali abangqongq­ozayo. UMemela noSangweni yize bebekhombi­sa ukuthi abekho esimeni kodwa liyabonaka­la ithalente labo,” kusho Micho.

Emdlalweni olandelayo iBucs izobhekana neSuperSpo­rt United e-Orlando Stadium, eSoweto, ngoLwesibi­li oluzayo. Kusasa iSuperSpor­t izobhekana ne-Ajax Cape Town eMbombela Stadium.

Imidlalo ye-Absa Premiershi­p elandelayo:

Kusasa: SuperSport United v Ajax Cape Town (Mbombela Stadium, 7.30pm

NgoLwesibi­li (Disemba 5): Cape Town City FC v Maritzburg United (Athlone Stadium, 7.30); Mamelodi Sundowns v Baroka FC (Lucas Moripe Stadium, 7.30pm); Orlando Pirates v SuperSport United (Orlando Stadium, 7.30pm)

NgoLwesith­athu (Disemba 6): AmaZulu FC v Bloemfonte­in Celtic (King Zwelithini Stadium, 7.30pm); Free State Stars v Golden Arrows (Goble Park, 7.30pm); Chippa United v Kaizer Chiefs (Nelson Mandela Bay Stadium, 7.30pm); Polokwane City v Platinum Stars (Old Peter Mokaba Stadium, 7.30pm); Bidvest Wits v Ajax Cape Town (Bidvest Stadium, 7.30pm)

NgoLwesihl­anu (Disemba 8) Maritzburg United v Baroka FC (Harry Gwala Stadium, 8pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? KWEHLE umthwalo kumqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic ngemuva kokuthi iqembu lakhe liwine okokuqala emuva kwesikhath­i eside ngeSonto eDr Molemela Stadium
Isithombe: BACKPAGEPI­X KWEHLE umthwalo kumqeqeshi we-Orlando Pirates uMilutin Sredojevic ngemuva kokuthi iqembu lakhe liwine okokuqala emuva kwesikhath­i eside ngeSonto eDr Molemela Stadium
 ??  ??
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa