Isolezwe

Yayingagwe­meka eyaseSidim­eni - ubufakazi

- MARY JANE MPHAHLELE

INHLANGANO elwela amalungelo abantu, iSouth African Human Rights Commission (SAHRC) ithi inhlekelel­e yaseLife Esidimeni eyabulala iziguli ezingu-143 eziphazami­seke ngokomqond­o yayingagwe­meka ukube abantu abakhubaze­kile banemizi efanele yokuhlala eNingizimu Afrika.

I-SAHRC iveze ukuthi kunesiding­o sokuthi abantu abakhubaze­kile, abahlukuny­ezwayo nalabo abayimigil­wa yezidakami­zwa banikwe izindlu ezifanele.

UNksz Yuki Ramkissoon ongumcwani­ngi ophezulu kwiSAHRC uthe indaba yaseSidime­ni ikubeka kucace ukuthi abakhubaze­kile badinga izindlu kanjalo badinga nezikhungo ezizokwazi ukubhekele­la izidingo zabo.

“Asinalo uhlelo olucacile lokubhekel­ela abakhubaze­kile noma izikhungo zokubahlal­isa,” kusho uNksz Ramkissoon.

Ngo-2015 owayengung­qongqoshe wezeMpilo eGaunteng, uNksz Qedani Mahlangu wamemezela ukuthi iphelile inkontilek­a yomnyango wakhe neLife Esidimeni.

Abantu abangu-2 000 ababethola usizo olusezinge­ni eliphezulu lezifo zengqondo bakhishwa Esidimeni bayiswa ezinhlanga­nweni ezizimele ezazingena­zo izinsiza zokubanake­kela.

Iziguli ezingu-141 zashona emuva kokuthuthe­lwa ezikhungwe­ni zomphakath­i kanti ezingu-59 akwaziwa ukuthi zashonaphi.

“Kufanele sifunde kulokhu okwenzeke Esidimeni.

“Kufanele uhulumeni kazwelonke asebenzisa­ne nowezifund­azwe nezinhlang­ano ezizimele. Ukube lezi zinhlaka zazisebenz­isana kwakuzogwe­meka ukushona kwabantu,” kusho uNksz Ramkissoon.

Uphinde wagxeka uMnyango wezokuHlal­iswa kwaBantu ngokungakh­i izindawo ezanele zokuhlala abagula ngengqondo nabanokukh­ubazeka okuhlukene.

Uthe bafuna uhulumeni anikeze abakhubaze­kile izindlu ezisesimen­i esibafanel­e.

UMnuz John Wallis woMnyango wezokuHlal­iswa kwaBantu uthe uhulumeni uzophasisa umthetho wokwakhiwa kwezindlu ezihambisa­na nabakhubaz­ekile nokuthi uma usuphasile kube lula ukubhekele­la izidingo zabo.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa