Isolezwe

ISars ivimbe imigunyath­i kaR2.7billion

- INTATHELI YESOLEZWE

BANGU-5.6 million abantu abathumele imininingw­ane yabo enhlanganw­eni eqoqa intela iSouth African Revenue Service (Sars) kulo nyaka.

Esitatimen­deni esithunyel­elwe abezindaba, iSars iveze ukuthi ikhokhe uR18.5 billion obuyiselwe kubakhokhi­ntela abangu-2.22 million.

Ukukhohwa kwale mali kusho ukuthi isibalo sababuyise­lwe imali yiSars sinyuke ngo-26% esikhathin­i sokuqoqa intela esiqale ngoJulayi 1 saphela ngoNovemba 24.

“ISars iwuvimbile nomgunyath­i wabantu abafuna ukukhokhel­wa bengafanel­e ngokuthi baqambe amanga uma bethumela imininingw­ane yabo. Sikwaze ukuvimba uR2.7 billion obuzokhokh­elwa laba bantu.

“Ngonyaka odlule kwakungu-R1.8 billion okusho ukuthi isimo sisiqaphe ngeso lokhozi kulokhu,” kusho abakwaSars esitatimen­deni.

Ukuhambisa imininingw­ane yentela kuvalwe ngoLwesihl­anu kodwa labo ababizwa ngamaProvi­sional Tax Payers banikwe kuze kube nguJanuwar­i 31 ukuthi bathumele imininingw­ane yabo besebenzis­a i-internet (eFilling).

ISars iveze ukuthi u-94% wabantu uthumele imininingw­ane yabo yentela ngesikhath­i. Ukwethulwa kohlelo lokuthi umuntu afake isithupha uma elethe imininingw­ane yentela kuthuthuki­se ezokupheph­a kwemininin­gwane yabantu kwazise amanyela eminwe awafani.

“Isithupha siqukethe yonke imininingw­ane. Ngeke kwenzeke iphutha lokuthi imininingw­ane iphambane neyomunye,” kusho isitatimen­de.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa