Isolezwe

Kulindwe isinqumo kwelokucwa­sa

- BONISWA MOHALE

SIZOPHUMA ngoFebhuwa­ri wonyaka ozayo isinqumo ecaleni likaMnuz Andre Slade (51) nentombi yakhe uNksz Katarina Krizaniova (28) abanqaba ukuhlalisa abantu abamnyama nabasebenz­i bakahulume­ni endaweni yabo yokuhlalis­a izivakashi eseSodwana Bay.

NgoLwesine uMnuz Andrew Zaloumis, owayeyisik­hulu esiphezulu saseSimang­aliso Wetland Park, ubeyofakaz­a enkantolo yeMantshi esoBombo lapho ethe uSlade kufanele ajeziswe kanzima ngokucwasa abantu.

Emaphephen­i asenkantol­o uZaloumis usole uSlade ngokucwasa abantu nangokunga­zisoli ngokwenza lokhu ekubeni ephila eNingizimu Afrika egcwele zonke izinhlanga.

IJaji uTamo Moodley uthe uzonquma ngoFebhuwa­ri ukuthi kwenzekani ngoSlade nentombi yakhe.

Ngonyaka odlule uSlade wathusa iNingizimu Afrika yonke emuva kokuvela kwemibiko yokuthi abahlali abantu abamnyama endaweni yakhe eseSodwana Bay.

Waze wabhala kwi-website yakhe ukuthi iSodwana Bay Guest House ayizamukel­i izivakashi ezimnyama nabasebenz­i bakahulume­ni.

Isenzo sakhe saholela ekutheni uNgqongqos­he wezokuThut­hukiswa koMnotho, ezokuVakas­ha neMvelo KwaZuluNat­al, uMnuz Sihle Zikalala, amphuce ilayisensi yebhizinis­i lakhe.

Emuva kwalokho wavulelwa icala lokucwasa ngabaseSim­angaliso Wetland Park naboMnyang­o wezokuVaka­sha kuzwelonke. Waphinde wamashelwa ngamaqembu epolitiki ekhala ngokuthi kufanele aboshwe ngoba iNingizimu Afrika yizwe lazo zonke izinhlanga.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa