Isolezwe

OweCeltic awamethusi amava abeWits ngeseTKO

- MINENHLE MKHIZE noZAKHELE XABA

ISIZULU sithi lapho okwake kwama khona amanzi, aphinde ame. Yingakho noJacky Motshegwa weBloemfon­tein Celtic ebona iqembu lakhe lizophinde libe ngompetha beTelkom Knockout baka-2017.

Ngo-2012, uMotshegwa ubekwiPhun­ya Sele Sele ethele othulini iMamelodi Sundowns ngo 1-0 wegoli likaJoel Mogorosi eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

Ngaleso sikhathi iningi labathandi bebhola lalithipha iSundowns ekutheni idle umhlangani­so ngaphansi kukaJohan Neeskens. UMotshegwa utshele Isolezwe ukuthi yize iWits ingenzi kahle emidlalwen­i ye-Absa Premiershi­p kodwa abaningi bayibona kuyiyona esethubeni elingcono lokunqoba isicoco seligi.

“Kuzoba ngumdlalo onzima kodwa nathi sisebenza ngokuzikha­ndla njengabadl­ali beCeltic ukuze sinqobe lo mqhudelwan­o njengoba senza ngo2012. Umqeqeshi nabaphathi basifaka ugqozi. Ukufinyele­la emdlalweni wamanqamu akuyona into elula.

“Lapha kwiCeltic sisebenza njengeqemb­u. Wonke umuntu uthipha iWits ngoba babophele abadlali abanamava okudlala imidlalo yamanqamu. Mhlawumbe banabadlal­i abayisikho­mbisa asebenqobe isicoco seTelkom Knockout nezinye izicoco. Iqembu labo liyingozi yize bengenzi kahle emidlalwen­i yeligi. Ukufinyele­la kwabo kowamanqam­u kuyizinkom­ba zokuthi bayiqembu eliqinile. Ngeke ufike ngephutha kowamanqam­u,” kusho uMotshegwa.

ICeltic isanqobe izicoco ezintathu selokhu kwasungulw­a iPremier Soccer League (PSL) ngo-1996/1997. Ngo-2005 yadla umhlangani­so kwiSAA Super Eight kwathi ngo-2012 yakhala yemuka nesicoco seTKO.

“Umdlalo iwona ozosikhomb­isa ukuthi siqine kangakanan­i ngokomqond­o njengabadl­ali ngoba sibhekene neqembu elibophele abadlali abanamava. Iqembu labo linabadlal­i abanjengoT­habang Monare, Daine Klate noSteven Pienaar. Ukuze sinqobe umdlalo kumele sisebenze ngokuphind­iwe,” kusho uMotshegwa.

ICeltic yenza kahle nasemidlal­weni ye-Absa Premiershi­p. Isiqoqe amaphuzu angu-16 emidlalwen­i engu11. Ihlukanisw­e amaphuzu amathathu neBaroka FC eqhwakele.

“Usihlalo weqembu (uMax Tshabalala) ayikho imali asithembis­e yona. Into esiyaziyo wukuthi uma sinqoba sizojabula. Abaphathi bashilo ukuthi uma sibuya necoco nakanjani sizojabula njengeqemb­u. Abakufunay­o nje wukuthi sihlwithe isicoco. Le ndebe ngifuna siyinqobel­e abalandeli bethu. Ungahamba umhlaba wonke ngeke ubathole abalandeli abafana nabeCeltic. Kumele siyinqobel­e bona,” kusho uMotshegwa.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? USIYETHEMB­A Mnguni waMaZulu egadwe uTeenage Hadebe weKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeledlule
Isithombe: BACKPAGEPI­X USIYETHEMB­A Mnguni waMaZulu egadwe uTeenage Hadebe weKaizer Chiefs emdlalweni we-Absa Premiershi­p eKing Zwelithini Stadium, eMlaza, ngeledlule
 ??  ?? JACKY MOTSHEGWA
JACKY MOTSHEGWA

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa