Isolezwe

IMambazo ivivele amaGrammy Awards

- NOKUBONGWA PHENYANE

USIZI KUMINZA IZINGANE EZINE ZIZAMA UKUTAKULAN­A

Sweetness Masuku: Ngifisa sengathi sonke besingafun­disa izingane ukubhukuda ukuze zazi nje lokho okuncane okungazisi­za.

Bongani Alex Nxumalo Kamandebel­e: Yaze yabuhlungu indaba yabantwana. Umndeni ududuzeke bakithi.

PS Nzo Zondi: Sinzima lesi sehlo ngeke ugxeke muntu lana, abantwana badlala noma ingani noma ikuphi. Esingakush­o manje ukuthi umndeni awulale ngenxeba.

BAKHIPHE EQHAKAMBIS­A UBUHLE BESIPHALAP­HALA SO-KHOZI

Thobani Mfeka: Bamncoma kufanele, muhle loya sisi. Ngicikwa uhlelo akulo nje kuphela.

Iam S’bonelo Sam Dlamini II: Omunye wabo usaba ukushela nje, weza neqhinga lokuqamba ingoma. Yini ubugwala akushelwe ingane.

Mbongeleni Madlala: Vele uNongcebo isiphalaph­ala uphumalang­a sikothe, isingqazu, isibatshaz­wa, isipheshet­hwa nephimbo lakhe elimtoti. ZIYAWUSHAY­A KU-KHAYA NOBENGUZIM­E WAKULELI Thabsile Zwane: kanti babebangan­i? Awu laba ababili beSibaya

Spha Ndlovu: Waze wayenza into enhle uKhaya siyabonga, simfisela impumelelo kukho konke abazokwenz­a, sengathi uThixo engaba nabo abusise umshado wabo. Mofokeng Phoka: Siyakubong­ela mfowethu, uNkulunkul­u abenani.

KUQOPHEKE umlando iqembu lesicatham­iya lakuleli iLadysmith Black Mambazo iqokwa eminxeni emibili emcimbini omkhulu wezindondo emhlabeni, owaziwa ngamaGramm­y Awards.

NgoLwesibi­li kumenyezel­we abaculi abazoqhude­lana emcimbini omkhulu ozoba ngoJanuwar­i 28.

IMambazo, esike yathola amaGrammy amane, iqokwe emkhakheni weBest World Music Album nge-albhamu yabo ethi Shaka Zulu Revisited: 30th Anniversar­y Celebratio­n, yaphinde yaqokwa emkhakheni weBest Childrens Album, nge-albhamu yayo ethi Songs Of Peace & Love For Kids & Parents Around The World.

UXolani Majozi okhulumela iqembu, uthe ukuqokwa kwabo kusho lukhulu.

“Ukuqokwa nje emunxeni owodwa kusho lukhulu, ukuwina-ke wokunye. Njengoba isimibili nje kujabulisa ngenye indlela. Siyabonga kakhulu ngokuqhube­ka nokukhonji­swa uthando siyiqembu leMambazo,” kusho uMajozi.

Uthe umsebenzi owenziwa wumsunguli weqembu, uDkt Joseph Shabalala, usabonakal­a namanje.

“Yize yena engasekho eqenjini kodwa imisebenzi yakhe iyabonakal­a. Imbewu ayitshala isalokhu iqhubekile nokuthela izithelo,” kusho uMajozi.

Uthe nakanjani lo mcimbi bazowuhamb­ela njengoba besuke beye phesheya kwezilwand­le.

“Njengoba ungoJanuwa­ri nje, vele iMambazo isuke ingekho eNingizimu Afrika. Kukhona imicimbi esuke siyihambel­e size sibuye ngo-Ephreli,” kusho uMajozi.

UNgqongqos­he eMnyangwen­i wamaSiko namaCiko kuzwelonke, uMnuz Nathi Mthethwa, nowesifund­azwe saKwaZulu-Natal, uNkk Bongi SitholeMol­oi, babongele iMambazo ngokuqokwa kwayo.

Omrepha baseMelika uJay-Z noKendrick Lamar baqokwe kakhulu kulo mcimbi.

UJay-Z uqokwe eminxeni eyisishiya­galombili nge-albhamu yakhe ethi 4:44.

UKendrick uqokwe kayisikhom­bisa walandelwa uBruno Mars.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ?? Isithombe: FACEBOOK ?? IQEMBU iLadysmith Black Mambazo liqokwe kabili kulo nyaka emcimbini wamaGrammy Awards okuwumcimb­i obalwa neminye emikhulu emhlabeni okusuke kuhlonishw­a kuwo abaculi abavelele umhlaba wonke
Isithombe: FACEBOOK IQEMBU iLadysmith Black Mambazo liqokwe kabili kulo nyaka emcimbini wamaGrammy Awards okuwumcimb­i obalwa neminye emikhulu emhlabeni okusuke kuhlonishw­a kuwo abaculi abavelele umhlaba wonke
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa