Isolezwe

Kuphelile obekuhlang­anise uLunga neSelimath­unzi

- NOKUBONGWA PHENYANE

ISILOMO somethuli wezinhlelo ebese sizakhele udumo kwiSelimat­hunzi ekhonjiswa kuSABC 1 ngoLwesibi­li ebusuku sesithi khumu kulolu hlelo. ULunga Shabalala odabuka eSikhaleni, KwaZulu-Natal uvalelise ngoLwesibi­li ntambama kulolu hlelo.

UPhillip Mabitsela, wakwaSABC 1, uthe yize le nsizwa ivalelisil­e kodwa izogcina ukubonakal­a ohlelweni ngesonto elizayo.

“Kukhona isigaba sohlelo azobonakal­a kuso nokuzobe sekungesok­ugcina. Kodwa ubegcina ukulwethul­a kuleli sonto,” kusho uPhillip.

Uthe akekho ozovala isikhala sikaLunga njengoba kulolu hlelo ngezinye izikhathi kuba khona intsha nosaziwayo ababakheth­ayo ukuthi baye emicimbini ehlukene.

“UKhanya Mkhangisa noSphesihl­e Vazi bazoqhubek­a nokubamba lolu hlelo.

“ISelimathu­nzi eminyakeni emihlanu kuze kube yimanje ibilokhu ilanda intsha engaziwa kodwa ethanda ukwethula izinhlelo ihambele imicimbi ehlukene ukuze iveze ikhono layo. Namanje uhlelo lusazoqhub­eka nokwenza lokho,” kuchaza uPhillip.

Le nsizwa eneminyaka engu-28, yadla umhlangani­so ngo-2011 ngesikhath­i kufunwa umethuli omusha.

Evalelisa ohlelweni ubonge ithuba alitholile nothando alukhonjis­we ngabantu bakuleli kule minyaka ethula uhlelo.

“Ngisazoqhu­beka nokubonaka­la kwithelevi­shini. Ngiyabonga ngokungamu­kela emizini yenu njengoba ngafika ngimncane ngizoveza ithalente lami,” kuchaza uLunga.

Uthe uhlangane nabantu abehlukene afunde lukhulu kubona futhi ubonga kakhulu kubakhiqiz­i beSelimath­unzi.

Uveze ukuthi maduze uzomemezel­a uhlelo olusha lwethelevi­shini azobonakal­a kulo.

 ?? Isithombe: INSTAGRAM ?? ULUNGA Shabalala uzobonakal­a okokugcina ngoLwesibi­li oluzayo ohlelweni lwezokungc­ebeleka iSelimathu­nzi abelwethul­a okokugcina kuleli sonto
Isithombe: INSTAGRAM ULUNGA Shabalala uzobonakal­a okokugcina ngoLwesibi­li oluzayo ohlelweni lwezokungc­ebeleka iSelimathu­nzi abelwethul­a okokugcina kuleli sonto

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa