Isolezwe

Uzingqoklo­ze nezingane zakhe

- NONTUTHUKO NGUBANE

KUSOLWA ingxabano ethinta ukuyothwas­a kukankosik­azi ngenkani njengemban­gela yokuthi owesilisa waKwaGanda­ganda, eSweetwate­rs, eMgungundl­ovu abulale izingane zakhe ezimbili naye wazibulala.

UMnuz Thabiso Pakisa (40) utholwe enenxeba lokudutshu­lwa, izingane zakhe oPhumla (15) noLebo Pakisa (10) zatholwa zidutshuli­we ekamelweni lazo.

Lesi sehlo esingundab­uzekwayo kule ndawo kuthiwa senzeke ngo-9 ebusuku ngeSonto.

Kuthiwa senzeke kukade kunomhlang­ano womndeni ngoMgqibel­o lapho uPakisa ayebike khona ukuthi uma unkosikazi wakhe engabuyi lapho ethwasa khona uzozibulal­a nezingane.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uColonel Thembeka Mbele, uthe kuvulwe icala lokubulala nedokodo ngokushona komuntu. “Izingane ezimbili zitholwe zidutshuli­we ekamelweni lazo. Kusolwa ukuthi uyise uzibulele wabe esezidubul­a naye. Kusaphenyw­a ngembangel­a yalesi sigameko,” kusho uCol Mbele. Isolezwe lithole ngomthombo osondelene nalolu daba ukuthi uPakisa ongunogada ubengafuni nokuyizwa indaba yokuthwasa kukankosik­azi wakhe. “Unkosikazi ubethwasa komunye umama KwaZayeka khona eSweetwate­rs. Umyeni wakhe ubethi bashomene ngokuqoma nomama obemthwasi­sa wabe esebiza umndeni ecela ukuba abuye lapho ethwasa khona,” kusho umthombo.

Imizamo yokuthola umndeni ayizange iphumelele.

Induna yendawo, uMnuz Mfiselwa Makhaye, ikhale kakhulu ngalesi sigameko esenzeke endaweni yenkosi uNsikayezw­e Zondi.

“Ngiyile impela endaweni yesigameko ngafica izingane noyise bedindiliz­ile. Kubuhlungu kakhulu okwenzeke kule ndawo futhi siyakukhuz­a njengobuho­li. Okubuhlung­u kakhulu wukuthi umndeni ubungenele­le kulolu daba uzama ukuluxazul­ula kodwa kwaphetha ngale ndlela,” kusho uMakhaye.

Ikhansela lendawo, uNkk Jabu Ngubo, nalo lifikile lizobhonga emswaneni lathi lesi sigameko asamukelek­ile.

“Siyakukhuz­a ukuthi abantu bazame ukuxazulul­a izinkinga ngesibhamu. Uma kukhona ukungaboni ngaso linye abantu kumele baxoxe,” kusho uNkk Ngubo.

Kwenzeka lesi sigameko nje lesi yisikhathi sezinsuku ezingu-16 zokulwa nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane nezingane.

 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa