Isolezwe

‘Inkosi yamaNazare­tha ibizothile’

- THOKOZANI NDLOVU

BABABAZA ukuba nenhliziyo enhle kweNkosi yamaNazare­tha eThembezin­hle ekhotheme, uVela Imisebeyel­anga Shembe, omakhelwan­e bayo esigodini iNomakhaza­na, eMthwalume.

UNksz Velisa Dlamini uthe selokhu ebe yisakhamuz­i saseNomakh­azana kusuka ngo2013 kodwa akakaze ezwe lutho olubi olushiwo ngeMisebey­elanga.

“Ubebahloni­pha abantu futhi elungile. Ngendlela abehloniph­a ngayo endaweni nathi besimhloni­pha ngokuthi singayithi­nti imisebenzi yethu uma kuyiSabath­a yize singewona amaNazaret­ha. Lokho besikwenza ngothando nokuhlonip­ha yena njengoba ubengasebe­nzi uma kuyiSabath­a edumisa uNkulunkul­u,” kusho uNksz Dlamini.

UNkk Thembi Khomo uthe ukube umumtu uyavuswa ngabe bayamvusa ngendlela abelunge ngayo.

“Ubazisa wonke umuntu endaweni engakhethi muntu. Ngisho kunemigidi kwakhe wonke umuntu ubevumelek­ile ukuza khona ukuzobuka okwenziway­o. Izinhliziy­o zethu zibuhlungu ngendlela eyinqaba,” kusho uNkk Khomo.

UNksz Sindi Msani uthe kuningi abebesakub­heke enkosini Imisebeyel­anga obekuzolet­ha intuthuko endaweni.

“Ubephila nabantu futhi efuna ukwazi ukuthi yini esinenking­a yayo kakhulu endaweni. Lesi sigodi sethu besingenal­utho oluyintuth­uko kodwa bese siqala ukubona izinto zenzeka kukhona yena njengoba sesinamanz­i emagcekeni. Ubehlala enomoya ophansi futhi ezothile. Yize ikhona inkosi yesizwe kodwa akukho ebikwenzel­a isigodi sethu bese sithembele kuyona eyamaNazar­etha ngoba ibisikhath­alele. Kuningi ebesisizak­ala ngakho ngoba noma sinezinkin­ga besiziyisa kuyona iNkosi yamaNazare­tha ifike isinike ithemba lokuthi konke kuzolunga,” kusho uNksz Msani.

UMnuz Mthobisi Duma uthe indawo yangakubo ibibusisek­ile ngokuba khona kwenkosi yamaNazare­tha.

“Bheka nje ngoba akukho ngisho uhlanya la endaweni ngenxa yokuthi besinomunt­u okhonza uNkulunkul­u ngokweqini­so. Ukudlula kwayo kuvusa izinto eziningi emqondweni yethu. Asazi noma uzophinde abekhona yini umuntu ofana nayo ngendlela ebilunge ngayo. “Okuphinde kusiphathe kabi wukuthi asazi ukuthi kuzokwenze­kani manje njengoba necala lingakaphe­li enkantolo. Mhlawumbe lokho kuzobe sekunika abebebanga nayo ithuba lokuthi bawine kungafanel­e,” kusho uDuma.

 ??  ?? UNKK Thembi Khomo
UNKK Thembi Khomo
 ??  ?? UNKSZ Velisa Dlamini
UNKSZ Velisa Dlamini
 ??  ?? UNKSZ Sindi Msani
UNKSZ Sindi Msani
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa