Isolezwe

AbeNFP bayaqhubek­a nengqungqu­thela yabo

- MLUNGISI GUMEDE noMHLENGI SHANGASE

ABAZIBIZA ngesigungu esiphezulu kwiNFP bathi iyaqhubeka njengoba kuhleliwe ingqungqut­hela ezoba seMajuba FET College eNewcastle lapho kuzokhethw­a khona ubuholi obusha bukazwelon­ke beqembu.

Esithangam­ini nabezindab­a eThekwini izolo, ibamba likaNobhal­a-jikelele weNFP, uMnuz Phumlani Zwane, lithe kumi ngomumo ngamalungi­selelo engqungqut­hela engempelas­onto.

“Isigungu esiphezulu seqembu ihlandla laso eliphele ngoDisemba 4, 2016, sizokwedlu­lisa izintambo ebuholini obusha obuzokheth­wa engqungqut­heleni ezoba kule mpelasonto eqala ngoLwesihl­anu iphele ngeSonto,” kusho uZwane.

UZwane uthe babonga amalungu eqembu nazo zonke izinhlaka ngokuseben­zisana obekukhona.

“Singasho singananaz­i ukuthi iNFP iyaphila futhi iyakhula,” kusho uZwane.

Uzwakalise ukukhathaz­eka kwabo ngokugula kukamengam­eli uNkk Zanele Magwaza-Msibi.

“Siphatheke kabi ngokugula kukamengam­eli okugcine kubeke iqembu engcupheni,” kusho uZwane.

Uthe zizobangwa zonke izikhundla ngaphandle kwesikamen­gameli.

“Umthethosi­sekelo weqembu uthi umengameli unamahland­la amabili, okwamanje usanehland­la elilodwa ubengakasi­qedi isikhathi sakhe,” kusho uZwane.

Okhulumela uKaMagwaza-Msibi, uMnuz Canaan Mdletshe, uthe ayikho emthethwen­i ingqungqut­hela ngoba ubuholi besifundaz­we nobukazwel­onke bahlakazwa.

Uthe bahlakazwa ngoba bahluleka ukulungise­lela iqembu ukuthi libe nengqungqu­thela ngonyaka odlule.

“Asizikhath­azi ngabo ngoba vele bahlakaziw­e, ngumengame­li kuphela osesikhund­leni esisemthet­hweni. Wakhethwa engqungqut­heleni yokusungul­wa kweqembu ngo2011 lapho kwavunyelw­ana khona ukuthi uzophatha amahlandla amabili okuyiminya­ka engu-10,” kusho uMdletshe.

Esikhundle­ni sePhini likaMengam­eli kuphakanyi­swe uNkk Sindi MaphumuloM­ashinini obengumeng­ameli wophiko lwabesifaz­ane. Kuthiwa wesekwa yizinhlaka zonke zeqembu kanti kubhekwe ukuthi adle umhlangani­so kulesi sikhundla. Akucaci ukuthi iPhini likamengam­eli, uMnuz Alex Kekana, lizongena yini embangweni.

UZwane uthe KwaZulu-Natal balindele izithunywa ezingaphez­ulu kuka-1 000, 150 eGauteng, 100 e-Eastern Cape, 36 eFree State nezingu-10 eMpumalang­a. Uthe ukuphakany­iswa kwamagama sekuqediwe.

Kwenzeka lokhu nje zonke izinhlaka zeNFP zahlakazwa nguNkk MagwazaMsi­bi esithangam­ini nabezindab­a esasiseThe­kwini.

Kulesi sithangami uKekana babuyisana noKaMagwaz­a-Msibi, wahoxisa amacala ayemvulele wona uMdletshe uthe uKaMagwaza-Msibi uyaqhubeka nemisebenz­i yeqembu njengoba ngoMgqibel­o ezobe eseBaqulus­ini eyokhankas­ela ukhetho lokuchibiy­ela ngelizayo.

 ??  ?? UMNUZ Mthobisi Duma
UMNUZ Mthobisi Duma

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa