Isolezwe

Kufunwa okungasiza abadayisay­o

- PHILI MJOLI

UKUNGALAWU­LWA kokuvulwa kwama-tuck shop emalokishi­ni kuholela ekutheni abanikazi bawo bangathuth­uki kuleli bhizinisi.

Lokhu kushiwo uNksz Nompilo Mbuthuma waseMawoti, eNanda oneminyaka ewu-10 ene-tuck shop kule ndawo.

UNksz Mbuthuma ubeyingxen­ye yabadayisi abebehambe­le imbizo yabadayisi baseThekwi­ni ebihlelwe uMasipala, eCurries Fountein izolo.

Uqhube wathi ama-tuck shop emalokishi­ni nasemijond­olo asondelene kakhulu ngenxa yokuthi awukho umthetho olawula ukuthi kumele aqhelelane kangakanan­i.

“Kulokho kusondelan­a kwethu abanikazi bama-tuck shop bakwamanye amazwe badayisa izimpahla zabo ngemali ephansi. Amakhasime­nde aya kubo awethu ayawa,” kusho yena.

UNkk Lilian Mhlongo odayisa etafuleni eMakethe ekuWarwick, uthe kunzima satshe ukuncintis­ana nezitolo ezinkulu ezithe chithi saka kule ndawo, uma udayisa etafuleni.

Uthe waqala ukudayisa izithelo nemifino ngo-1999 emuva kokushonel­wa umyeni.

“Ngisaqala izinto bezihamba kahle, ngemuva kwesikhath­i kwafika izitolo ezinkulu ezidayisa izinto ezifanayo ngemali ephansi.

“Izinto zethu ziyabola, yikho sengidayis­a imbiza namabhodle­la,” kusho yena.

UNkk Mhlongo uthe unezingane ezinhlanu azondlayo ngemali yokudayisa. Imbiza yakhe uthe uyidayisa ngoR120.

UMnuz Vusi Nyawo we-Ithala Bank uthe kunohlelo lokuthenga ngokuhlang­anyela olwenziwa yileli bhange ngokuhlang­anyela noMasipala weTheku, ePhoenix, eNanda, Ntuzuma naKwaMashu (Pink).

Lolu hlelo ngolokubhe­ka ukuthi le ndlela ingasebenz­a yini kubadayisi kule ndawo.

“Ngalolu hlelo kuba nososeshin­i wabadayisi, usoseshini ube nophiko lwawo lwebhizini­si olucishe lufane nestokofel­a. Abadayisi bafaka kulo imali.

“Lolu hlaka lwebhizini­si yilo oluya ebhange luyoboleka imali yokuthenge­la bonke abangaphan­si kwalo usoseshini izinto zokudayisa. Izimpahla zithengwa kubakhiqiz­i.

“Sisahlola ukuthi luzosebenz­a yini ngaphambi kokuthi silusabala­lise,” kuchaza uNyawo.

IMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede, uthe yize ekuqonda ukuthi abadayisa ezitaladin­i nasema-tuck shop bakhuphula umnotho wakuleli dolobha kodwa ngeke akuvumele ukuthi abantu badayise kuwo wonke amakhona edolobha.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA ?? ABADAYISI basezitala­dini eThekwini bejabulela inkulumo yemeya uNkk Zandile Gumede ngesikhath­i kunembizo yabadayisi enkundleni yezemidlal­o iCurries Fountain, izolo
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ANA ABADAYISI basezitala­dini eThekwini bejabulela inkulumo yemeya uNkk Zandile Gumede ngesikhath­i kunembizo yabadayisi enkundleni yezemidlal­o iCurries Fountain, izolo

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa