Isolezwe

Zindala zombili kubaholi be-ANC

- MHLENGI SHANGASE

UMHLAZIYI wezepoliti­ki uMnuz Thabani Khumalo, uthi kuseva ukugaqula ukuthi imuphi umholi ozodla umhlangani­so njengoba uDkt Nkosazana Dlamini Zuma esephakany­iswe yizifundaz­we ezintathu kwathi imbangi yakhe uMnuz Cyril Ramaphosa yaphakanyi­swa izifundazw­e ezimbili.

UKhumalo uthe ingqungqut­hela yaseMpumal­anga yokuphakam­isa abaholi abaya engqungqut­heleni yangenyang­a ezayo eNasrec, yokukhetha abaholi yiyona ebhekwe ngabomvu njengoba kungacaci ukuthi yeseka muphi umholi.

Ingqungqut­hela yaseMpumal­anga ihlala kusasa.

UDkt Dlamini Zuma uphakanyis­we wuphiko lwabesifaz­ane lwe-ANC nolwentsha, abathathwa njengezifu­ndazwe ngokwe-ANC kanjalo nesifundaz­we iFree State.

Ngakolunye uhlangothi uRamaphosa uphakanyis­we yiNorthern Cape neWestern Cape.

“Kuseva ukusho ukuthi ngubani ozodla umhlangani­so njengoba izifundazw­e zihlukene phakathi. Uma ubheka izibalo zaseFree State kuba nokudideka ngendaba yabantu abavotile. NaseMpumal­anga akucaci kahle ngoba usihlalo wakhona uMnuz David Mabuza, engazange afike ngesikhath­i kunerali kaDlamini Zuma (Dkt) nekaRamaph­osa, ngakho kunzima ukusho ukuthi kahle kahle lesi sifundazwe seseka bani,” kusho uKhumalo.

Usho lokhu nje namhlanje kuhlala ingqungqut­hela yaseEaster­n Cape okulindele­ke ukuthi iphakamise uRamaphosa njengomeng­ameli we-ANC ngoDisemba.

Isifundazw­e iKwaZulu-Natal, engahloniz­i ngokweseka uDkt Dlamini Zuma, ingqungqut­hela yayo yokuphakam­isa abaholi kulindelek­e ukuthi ibe sekuqaleni kwesonto elizayo.

UKhumalo uthe amaphaphu aphezulu kwi-ANC njengoba kuyiwa kule ngqungquth­ela.

Ukuphakany­iswa kwabaholi abaya kule ngqungquth­ela yizifundaz­we akusho ukuthi yibona abazofike badle umhlangani­so njengoba nasengqung­qutheleni amalungu avunyelwe ukuthi aphakamise umholi othile ukuthi angenele ukhetho uma esekwa u-25% wengqungqu­thela.

Angaphezul­u kuka-5 000 amalungu azothamela le ngqungquth­ela.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa