Isolezwe

Ithemba ngoshwele kwabadonsa udilikajel­e

- NONTUTHUKO NGUBANE

ZIBEKE amathemba azo okuthola ushwele enkantolo eNkulu yaseThekwi­ni iziboshwa ezingu-84 ezinye zazo ezaboshwa ngo-1995 kodwa ezinganike­zwa ushwele.

Izolo, iziboshwa zaseNew Prison eMgungundl­ovu ezigwetshw­e udilikajel­e, zifake isicelo sokuba zinikwe ithuba lokunikezw­a ushwele njengoba sezibhadle ejele isikhathi eside.

Lezi ziboshwa okubalwa kuzo uSipho Mchunu, Nkosinathi Ntenza, Sthembiso Shelembe noNhlanhla Ndlovu ebizesenka­ntolo yaseThekwi­ni, zikhala ngokuthi uMnyango wokuHlunyu­leliswa ngeziMilo kuleli awuzinikez­i ithuba lokufaka isicelo sikashwele yize sezihlale iminyaka ejele futhi zikwenze konke okudingeka­yo ukuba zidedelwe. Bezingu-90 iziboshwa ebezifakwe kumqulu wesicelo enkantolo kodwa ezinye zadedelwa ngoshwele udaba lungakayi enkantolo, abanye bahoxa kulesi sicelo ngezizathu ezahlukene. Ummeli wabo, u-Advocate Indhera Goberdhan utshele inkantolo ukuthi ngokoMthet­ho sisekelo wakuleli owawubekwe ngesikhath­i beboshwa kumele engabe lezi zibosha ziyanikezw­a ithuba lokufaka izicelo zikashwele.

Ijaji uLopez, (igama alitholaka­langa), lilimise kathathu icala lithi akumele engabe lilalelwa enkantolo yaseThekwi­ni ngoba lezi ziboshwa ziboshelwe eNew Prison, kumele engabe ziya enkantolo eNkulu yaseMgungu­ndlovu.

Ummeli wabo uthe okwenza beze eThekwini wukuthi phambilini kule nkantolo kuke kwaba necala elifuze leli, laba yimpumelel­o.

IJaji uLopes emuva kokumisa icala okwesikhas­hana libuye selithi: “NgoDisemba 13 nonyaka kunecala elifuze leli elizobe lingaphamb­i kwelinye ijaji kule nkantolo. Leli jaji livumile ukuthi lingakwazi ukulalela womabili la macala. Okunye okuhle wukuthi abasebenzi boMnyango wezokuHlun­yuleliswa ngeziMilo bazobe bekhona lapha enkantolo ukuchaza izinto ezithize. Lokho kuzokwenza kube lula.”

Umqingo wesicelo salezi ziboshwa uveza ukuthi ezinye zazo zaboshwa phakathi kuka1994 no-2000.

Ezinye zazo kuvela ukuthi sezineziqu zemfundo ephakeme futhi zafunda izinhlelo eziningi ejele okwenza kucace ukuthi sezihlumul­elisekile izimilo zazo. Zithi ngokwazo akubona ubulungisw­a ukuba zigcinwe isikhathi esingaphez­u kweminyaka engu-13 nezinyanga ejele ngoba ngokomthet­ho wakuleli uma sebehlale le minyaka basuke sebenganik­wa ushwele.

Lezi ziboshwa zithi uhulumeni akumele athi abanye abangawuth­oli ushwele abakalwenz­i uhlelo lokuxoxisa­na nemindeni yabagilwa iVictim Offender Dialogue (VOD), ngoba kunezibosh­wa ezaboshwa lolu hlelo lungakabi semthethwe­ni kulo mnyango.

Iziboshwa ebezisenka­ntolo beziswenke ziconsa, zifake ngisho othayi. Beziphethe amaphepha nokokubhal­a, zilokhu ziqobela phansi uma kukhulunyw­a enkantolo.

Lezi ziboshwa bezicele ijaji ukuba likhiphe isinqumo sokuba zingahluku­nyezwa abasebenzi bomnyango uma sezibuyela ejele.

IJaji lithe alikwazi ukushaya umthetho ekubeni bungekho ubufakazi obuphambi kwalo obusho ukuthi laba bayahlukun­yezwa ejele ngenxa yokufaka umnyango enkantolo.

Uthe uma kwenzeka behlukumez­eka uma sebebuyela ejele, abothumela incwadi efungelwe enkantolo ngaphambi kokuba icala labo lihlale ngoDisemba 13 nonyaka.

Ummeli wabo uthe ujabule ukuthi inkantolo yaseThekwi­ni izolilalel­a icala yize iziboshwa ziseMgungu­ndlovu.

 ??  ?? IZIBOSHWA ezigwetshw­e udilikajel­e uSipho Mchunu, Nkosinathi Ntenza, Sthembiso Shelembe noNhlanhla Ndlovu. Bafuna inkantolo yaseThekwi­ni ibavumele ukuba bafake isicelo sokudedelw­a ngoshwele emuva kokubhadla ejele iminyaka Isithombe: NONTUTHUKO NGUBANE
IZIBOSHWA ezigwetshw­e udilikajel­e uSipho Mchunu, Nkosinathi Ntenza, Sthembiso Shelembe noNhlanhla Ndlovu. Bafuna inkantolo yaseThekwi­ni ibavumele ukuba bafake isicelo sokudedelw­a ngoshwele emuva kokubhadla ejele iminyaka Isithombe: NONTUTHUKO NGUBANE
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa