‘Maphoyisa hlukanani nomkhuba wokugwazisa’
UNGQONGQOSHE wezokuPhepha, ukuThutha nokuXhumanisa uMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, unxuse amaphoyisa ukuba ahlukane nomkhuba wokugwazelwa, wathi lokhu kunomthelela ekunyukeni kwezinga lobugebengu nezingozi zomgwaqo ezidlula nenqwaba yemiphefumulo yabantu.
Ekhuluma emcimbini obekudingidwa kuwo amasu okulwa nobugebengu ngesikhathi samaholidi obuhlanganisa zonke izinhlaka zamaphoyisa ejele laseWestville izolo, uKaunda uthe bazowakhuculula wonke amazambane abolile embuthweni wamaphoyisa.
“Maphoyisa ake niyeke lo mkhuba wenu wokugwazelwa nize nibizwe ngabafana be-drink,” kusho uKaunda.
Uthe isibalo samaphoyisa angu 12, akhonjwe indlela mayelana namacala enkohlakalo emngceleni eKosi Bay sincane kakhulu.
Uthe amaphoyisa omgwaqo kumele awenze ngokuthembeka umsebenzi wawo ngoba uma ededela abantu abaphula umthetho lokho kugqugquzela izingozi zomgwaqo.
“Njalo ngonyaka bangu-14 000 abantu ababhubha ezingozini zomgwaqo. Lapha eNingizimu Afrika, uma kwethulwa izibalo zikazwelonke, iKwaZulu-Natal ihlale ibalwa nezifundazwe ezihamba phambili ekufeni kwabantu,” kusho uKaunda.
Uthe iyabakhathaza indaba yokuthi abantu sebeze bazithakazele izingozi zomgwaqo.
“Uzwa abantu bethi kunezingozi zikaKhisimusi nezePhasika ngoba sekuyinto abayijwayele ukuthi ngesikhathi esithile kuzoba khona izingozi, ezinye zalezi zingozi ezenzekayo zisuke zingagwemeka,” kusho uKaunda.
Uthe amaphoyisa awangananazi ukuzikhipha emgwaqweni izimoto ezingekho esimeni esikahle.
UKaunda uthe iyabakhathaza futhi indaba yeziteshi zamaphoyisa ezisebenzisana nezigebengu.
“Uma kuza ekubulaweni kwabantu nakwamanye amacala abucayi, izindawo okubalwa kuzo uMashu, Nanda nePinetown ezibalwa kwezihamba phambili ezweni lonke,” kusho uKaunda.
Uthe nokubulawa kwabantu emahostela nosopolitiki kubeka kabi igama lesifundazwe.
Uphinde wanxusa amaphoyisa ukuba angananazi ukudedela inhlamvu uma ebhekana nezigebengu ezihlomile. “Izibhamu eniziphathayo aziwona amathoyizi ngoba azikhiphi amanzi kumele nenze isiqiniseko sokuthi niyazivikela ezigebengwini uma zivulela ngenhlamvu kinina nizibopha,” kusho uKaunda owengeze ngokuthi abafisi ukuzwa kuthiwa kukhona iphoyisa elisale enkundleni kuliwa nezigebengu.
Unxuse izinhlaka zamaphoyisa ukuba zisebenzisane ekulweni nobugebengu.
“Ayiphele le nto yokuthi kube khona uhlaka oluzibona lungcono kunolunye kumele nisebenzisane ngoba nezigebengu ziyasebenzisana futhi ziyabuhlela ubugebengu,” kusho uKaunda.
IPhini leMeya eMkhandlwini weTheku, uNkk Fawzia Peer, lithe konke sekumi ngomumo mayelana nezinhlelo zeTheku zokubhekana nobugebengu ngesikhathi samaholidi.
UNkk Peer uveze nokuthi kukhona nemigwaqo ezovalwa edolobheni ngesikhathi samaholidi.