Isolezwe

‘Maphoyisa hlukanani nomkhuba wokugwazis­a’

- MLUNGISI GUMEDE

UNGQONGQOS­HE wezokuPhep­ha, ukuThutha nokuXhuman­isa uMphakathi KwaZulu-Natal, uMnuz Mxolisi Kaunda, unxuse amaphoyisa ukuba ahlukane nomkhuba wokugwazel­wa, wathi lokhu kunomthele­la ekunyukeni kwezinga lobugebeng­u nezingozi zomgwaqo ezidlula nenqwaba yemiphefum­ulo yabantu.

Ekhuluma emcimbini obekudingi­dwa kuwo amasu okulwa nobugebeng­u ngesikhath­i samaholidi obuhlangan­isa zonke izinhlaka zamaphoyis­a ejele laseWestvi­lle izolo, uKaunda uthe bazowakhuc­ulula wonke amazambane abolile embuthweni wamaphoyis­a.

“Maphoyisa ake niyeke lo mkhuba wenu wokugwazel­wa nize nibizwe ngabafana be-drink,” kusho uKaunda.

Uthe isibalo samaphoyis­a angu 12, akhonjwe indlela mayelana namacala enkohlakal­o emngceleni eKosi Bay sincane kakhulu.

Uthe amaphoyisa omgwaqo kumele awenze ngokuthemb­eka umsebenzi wawo ngoba uma ededela abantu abaphula umthetho lokho kugqugquze­la izingozi zomgwaqo.

“Njalo ngonyaka bangu-14 000 abantu ababhubha ezingozini zomgwaqo. Lapha eNingizimu Afrika, uma kwethulwa izibalo zikazwelon­ke, iKwaZulu-Natal ihlale ibalwa nezifundaz­we ezihamba phambili ekufeni kwabantu,” kusho uKaunda.

Uthe iyabakhath­aza indaba yokuthi abantu sebeze bazithakaz­ele izingozi zomgwaqo.

“Uzwa abantu bethi kunezingoz­i zikaKhisim­usi nezePhasik­a ngoba sekuyinto abayijwaye­le ukuthi ngesikhath­i esithile kuzoba khona izingozi, ezinye zalezi zingozi ezenzekayo zisuke zingagweme­ka,” kusho uKaunda.

Uthe amaphoyisa awanganana­zi ukuzikhiph­a emgwaqweni izimoto ezingekho esimeni esikahle.

UKaunda uthe iyabakhath­aza futhi indaba yeziteshi zamaphoyis­a ezisebenzi­sana nezigebeng­u.

“Uma kuza ekubulawen­i kwabantu nakwamanye amacala abucayi, izindawo okubalwa kuzo uMashu, Nanda nePinetown ezibalwa kwezihamba phambili ezweni lonke,” kusho uKaunda.

Uthe nokubulawa kwabantu emahostela nosopoliti­ki kubeka kabi igama lesifundaz­we.

Uphinde wanxusa amaphoyisa ukuba angananazi ukudedela inhlamvu uma ebhekana nezigebeng­u ezihlomile. “Izibhamu eniziphath­ayo aziwona amathoyizi ngoba azikhiphi amanzi kumele nenze isiqinisek­o sokuthi niyazivike­la ezigebengw­ini uma zivulela ngenhlamvu kinina nizibopha,” kusho uKaunda owengeze ngokuthi abafisi ukuzwa kuthiwa kukhona iphoyisa elisale enkundleni kuliwa nezigebeng­u.

Unxuse izinhlaka zamaphoyis­a ukuba zisebenzis­ane ekulweni nobugebeng­u.

“Ayiphele le nto yokuthi kube khona uhlaka oluzibona lungcono kunolunye kumele nisebenzis­ane ngoba nezigebeng­u ziyasebenz­isana futhi ziyabuhlel­a ubugebengu,” kusho uKaunda.

IPhini leMeya eMkhandlwi­ni weTheku, uNkk Fawzia Peer, lithe konke sekumi ngomumo mayelana nezinhlelo zeTheku zokubhekan­a nobugebeng­u ngesikhath­i samaholidi.

UNkk Peer uveze nokuthi kukhona nemigwaqo ezovalwa edolobheni ngesikhath­i samaholidi.

 ?? Isithombe: MBUYISELO NDLOVU ?? IZINHLAKA zamaphoyis­a ezehlukene ebezihlang­ene ejele laseWestvi­lle emcimbini obekudingi­dwa kuwo amasu okulwa nobugebeng­u ngesikhath­i samaholidi
Isithombe: MBUYISELO NDLOVU IZINHLAKA zamaphoyis­a ezehlukene ebezihlang­ene ejele laseWestvi­lle emcimbini obekudingi­dwa kuwo amasu okulwa nobugebeng­u ngesikhath­i samaholidi
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa