Isolezwe

‘Uqola abantu ngegama lami’

- MLUNGISI GUMEDE

USELUBIKE emaphoyise­ni uSomlomo kaMasipala waseNdumen­i, uNkk Bongiwe Mbatha-Makhathini, udaba lomuntu oqola abantu ezinkundle­ni zokuxhuman­a esebenzisa igama lakhe.

UNkk Mbatha-Makhathini uthe uqale ukuzwa ngalo muntu oqola abantu ngegama lakhe kumlingani wakhe osebenza kuMasipala waseMzinya­thi owambuza ukuthi nguyena ngempela yini obemcela i-airtime.

“Ngathuka ngamtshela ukuthi angikaze ngiyicele i-airtime,” kusho uNkk Mbatha-Makhathini.

Uthe iqola lizenza yena kuFacebook, lize lifake nezithombe zakhe.

“Uyazishint­sha izithombe zami, uthatha lezi engisuke ngizifake kuFacebook wami,” kusho uNkk Mbatha-Makhathini.

Uxwayise abantu ukuthi bangamuphi imali uma ebacela.

“Angiyiceli imali mina namaairtim­e, lo muntu owenza le nto ezenza mina yiqola elidinga ukuboshwa,” kusho uNkk MbathaMakh­athini.

Uthe uyabona ukuthi wumuntu osondelene naye lo owenza le nto uhlose ukudicilel­a phansi isithunzi sakhe.

UNkk Mbatha-Makhathini uthe baningi abantu abaziyo abanye abangamakh­ansela abamshayel­a ucingo beqiniseki­sa ukuthi nguyena ngempela yini obacela imali.

“Ngisanda kuthintwa yikhansela laseNquthu liqiniseki­sa ukuthi yimina ngempela yini ebengicela imali,” kusho uNkk Mbatha-Makhathini.

Uthe ubona ukuthi lo muntu uqola kakhulu amakhansel­a eMzinyathi.

“Usanda kuqola nomshana wami ngokumcela imali. Uma uke wamnika kanye usuke usuzilayil­e ngoba akabe esasuka kuwe. Ngendlela ayisigeben­gu ngayo uze athi uma umnika imali izobuya isihamba ne-drink ngaphezulu,” kusho uNkk Mbatha-Makhathini.

Uthe akuqali ukuthi kube khona ikhansela laseMzinya­thi okusetshen­ziswa igama lalo kuqolwa abantu.

“Inombolo yalo muntu nginayo ngike ngamshayel­a walubamba ucingo, ngamtshela ukuthi akayiyeke le nto ayenzayo ngoba ngizomboph­a kodwa uyaqhubeka nalo mkhuba wakhe,” kusho uNkk Mbatha-Makhathini.

Okhulumela amaphoyisa KwaZulu-Natal, uLt Colonel Thulani Zwane, uthe lukhona udaba lokuqola olubikwe esiteshini samaphoyis­a aseDundee olulandelw­ayo.

 ?? Isithombe: SITHUNYELW­E ?? USOMLOMO kaMasipala waseNdumen­i uNkk Bongiwe Mbatha-Makhathini okhala ngomuntu oqola abantu ezinkundle­ni zokuxhuman­a esebenzisa igama lakhe
Isithombe: SITHUNYELW­E USOMLOMO kaMasipala waseNdumen­i uNkk Bongiwe Mbatha-Makhathini okhala ngomuntu oqola abantu ezinkundle­ni zokuxhuman­a esebenzisa igama lakhe
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa