Isolezwe

Bagcwele ukuzethemb­a abayisa i-ANC enkantolo

- KAILENE PILLAY

ULAWRENCE Dube nahambisan­a nabo bathi bazophinde­la enkantolo eMgungundl­ovu namhlanje beqalabile bezokuzwa noma isicelo sabo sokuthi bavunyelwe ukuthi balandele isinqumo senkantolo yokuqala siyaphumel­ela yini.

UDube nabanye, abaziwa “njengamavu­kelambuso”, bacela ukuthi bavunyelwe ukulandela isinqumo senkantolo yokuqala ngesikhath­i leso sinqumo sisadlulis­elwe enkantolo yokudlulis­ela amacala.

Uma “amavukelam­buso” evunwa yinkantolo, lokho kuyosho ukuthi simile isinqumo sangoSepth­emba sokuthathw­a kwengqungq­uthela njengento engekho kuze kulalelwe uhlangothi lwesigungu sesifundaz­we oluholwa nguMnuz Sihle Zikalala enkantolo yokudlulis­wa kwamacala.

“Sesinqobil­e, angingabaz­i ukuthi ngeke sihlale isikhathi eside enkantolo,” kusho uDube ngokuzethe­mba.

Kubukeka sengathi amalungu aseka lezi zinhlangot­hi ngeke aphume ngothi lwawo ukuya enkantolo.

Bobabili oDube nokhulumel­a i-ANC, uMnuz Mdumiseni Ntuli, bathe abawacelan­ga amalungu abo ukuthi azobeseka enkantolo.

UDube uthe abazange babize amalungu ukuthi azobeseka ngaphandle enkantolo wathi uzobe engaphakat­hi enkantolo nasondelen­e nabo.

“Ngalesi sikhathi wonke umuntu umatasa ulungisele­la ingqungqut­hela, sifuna bagxile kulokho. Kuzoshesha enkantolo ngakho wonke umuntu akagxile engqungqut­heleni,” kusho uDube.

UNtuli uthe uzoba khona enkantolo wathi abazange bameme abantu abazobasek­a ngaphandle kwedlanzan­a elizobe lisenkanto­lo.

Okhulumela ezikaDube, uMnuz Sthembiso Mshengu, uthe balindele labo abangakwaz­i ukufika enkantolo ukuthi bazobeseka kodwa akukho abakuhleli­le.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa