Isolezwe

UZuma uzovula umgwaqo uDumisani Makhaye

- BONISWA MOHALE

UZOVULWA umengameli wezwe uJacob Zuma ngoMgqibel­o umgwaqo omkhulukaz­i ohlanganis­a Inanda, KwaMashu, Newlands neClermont, uDumisani Makhaye.

UZuma uzovula umgwaqo owakhiwe ngo-R1.3 billion othathwa njengemali eningi etshalwe nguhulumen­i ohlelweni lwentuthuk­o.

Uqanjwe ngoMnuz Dumisani Makhaye, owayengung­qongqoshe weminyango ehlukene KwaZulu-Natal ngaphambi kokuthi ashone.

UMakhaye wazakhela udumo ngesikhath­i akha imigwaqo namabhuloh­o esengungqo­ngqoshe.

Esitatimen­deni esithunyel­we ngabomnyan­go wezokuthut­ha KwaZulu-Natal bathe umgwaqo uzosiza ukwenza impilo ibe lula kubantu baKwaZuluN­atal, uthuthukis­e nomnotho.

Umgwaqo uDumisani Makhaye uhlanganis­a uDuffs Road KwaMashu noDinkelma­n eNew Germany.

Umgwaqo uzophinde ulekelele ukuthi abaya esikhumulw­eni sezindiza eKing Shaka banqamule kuwo uma kunesiminy­aminya emgwaqweni onguthelaw­ayeka.

Umcimbi wokuvula umgwaqo uzoqala ngo10.30 ekuseni, eSugar Ray Xulu Stadium, eClermont.

Ngaphambi kokwakhiwa komgwaqo uDumisani Makhaye abantu abasuka KwaMashu beya ePinetown bebeqala bagibele izimoto eziya enkabeni yeTheku bese bexhuma eziya ePinetown.

Manje basuka KwaMashu, banqamule KwaDabeka, badlulele eNew Germany bese bengena ePinetown.

Uhambo lwabo lubathatha imizuzu engu-20 akufani nakuqala lapho kwakubatha­tha ihora ukuya ePinetown.

Uhulumeni ugqobhe amatshe wasusa namahlathi abehlukani­sa iNanda, KwaMashu, Clermont nePinetown ukuze kwakhiwe umgwaqo.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa