Isolezwe

Luphothulw­a ngozayo ucwaningo ngomthelel­a wezinto zokuhlela

- PHILI MJOLI

LUZOPHOTHU­LWA ngonyaka ozayo ucwaningo olubheka ukuthi ngabe izinto zokuhlela umndeni zinomthele­la yini ekutholeni kwabesifaz­ane abaziseben­zisayo igciwane lengculazi.

Ucwaningo olwenziwa yiMaternal Adolescent and Child Health Research (MatCH) engaphansi kweWits University, luyingxeny­e yocwaningo olwenziwa emazweni amaningi okubalwa kuwo iKenya, Zambia neSwazilan­d.

UNkk Busi Maphumulo wesikhungo seMatCH esiseThekw­ini uthe ucwaningo olwenziwa kwabesifaz­ane abangu-7000 luqalwe ngo-2015 kanti kulindelek­e ukuthi luphothulw­e ngonyaka ozayo.

Uthe lusungulwe ngemuva kokuthi kube nolunye ucwaningo oluveze ukuthi u-80% wabesifaza­ne abasebenzi­sa izinto zokuhlela bathelelek­a ngegciwane lengculazi.

“Njengabacw­aningi asikwazi ukuthi yindlela yokuziphat­ha kwabantu eholela kulesi simo noma sithi kunezithak­o ezithile ezintweni zokuhlela eziholela ekutheni amasosha omzimba wowesifaza­ne abe ntekenteke okwenza ukuthi kube lula ukuthi angenwe yigciwane lengculazi. Kumele sibheke imiphumela yocwaningo lwethu kube yiyo ekhipha izimpendul­o,” kusho uNkk Maphumulo.

Uthe kunenkolel­o yokuthi ama-hormones afakwa ezintweni zokuhlela enza amasosha abe ntekenteke.

“Esikwaziyo wukuthi izinto zokuhlela eziningi zaqala ukukhiqizw­a kudala igciwane lengculazi lingakabi khona noma lingakasab­alali kakhulu. Abakhiqizi bazo abazange balubheke uhlangothi lokuthi ngabe ayakwenza yini ukuthi amasosha abe ntekenteke ngoba sasingekho lesi sifo. Ngakolunye uhlangothi kuthiwa abesifazan­e abahlelayo basuke bekhathaze­ke ngokuthi bangakhule­lwa kunokuthi bakhathaze­ke ngokungenw­a yigciwane. Imiphumela yocwaningo sifuna isinike okuyiqinis­o kulezi zinto ezishiwoyo,” kusho yena.

UNkk Maphumulo lokhu ukusho ngesikhath­i kunomhlang­ano wokucobele­lana ngolwazi oluthinta ingculazi nokuhlukun­yezwa kwabesifaz­ane obuhlelwe yiSouth African Positive Women Ambassador­s, eSiphingo, izolo.

Ingxenye yabesifaza­ne abakulolu cwaningo ngeyakhona eSiphingo.

UNksz Ntokozo Madlala, weWomen Empower, uthe umphakathi unomkhuba wokwamukel­a izinto okumele ngabe ziyakhuzwa, zibhebheth­eke kuze kube khona umuntu ofayo ngaphambi kokubona ukuthi zimbi.

“Kunomuzi endaweni okwaziwayo ukuthi kuhlala kunomsindo indoda yakhona ishaya umama. Uma kuthulekil­e baze basho ukuthi kwathuleka namhlanje kulo muzi. Kuyoze kuthi sekuphele izinsuku kube yima kuyobhekwa ukuthi kwenzenjan­i bafice owesifazan­e eseshonile. Uzwa kubatshazw­a kuthiwa kanti ubesemshay­ela ukumbulala! Sengathi ukushaywa akuyona inkinga,” kusho uNksz Madlala.

 ?? Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ ANA ?? IZINGANE nabantu baseDakota Beach eSiphingo baqale umhlangano wokucobele­lana ngolwazi ngemashi ebikhuthaz­a abesifazan­e ukuthi babike uma behlukunye­zwa
Isithombe: MOTSHWARI MOFOKENG/ ANA IZINGANE nabantu baseDakota Beach eSiphingo baqale umhlangano wokucobele­lana ngolwazi ngemashi ebikhuthaz­a abesifazan­e ukuthi babike uma behlukunye­zwa

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa