Isolezwe

Asipholi isilonda sokuhlukan­a kwabazali

- THEMBA NTSHINGILA

UKUHLUKANA kwabazali ngezinye zezinto ezibalwa njengemban­gela yokuhlukum­ezeka kwezingane.

Lokhu kushiwo uNkk Pearl Ramotsamay­i ongumelule­ki wemindeni esikhungwe­ni iFamily And Marriage Society of South Africa (FAMSA), eThekwini.

UNkk Ramotsamay­i ubephawula ngalokhu njengoba elakuleli ligubha izinsuku ezingu-16 zomkhankas­o wokulwa nokuhlukun­yezwa kwezingane nabesifaza­ne, oqale ngoNovemba 25 ophela ngoDisemba 10.

Ngokusho kwakhe, ukungezwan­i kwabazali okugcina ngokuthi baphoqelek­e ukuthi bahlukanis­e, kuyazilima­za izingane emoyeni.

Uthe ngesikhath­i abazali besesezinh­lelweni zokuhlukan­isa, bavamise ukusebenzi­sa izingane ukulwa izimpi zabo.

“Lokho kuholelela ekutheni kwande isizwe esigcwele inzondo, okuzokuthi kusasa naso sifune ukuziphind­isela. Kumele abazali bazivikele izingane zabo,” kusho uNkk Ramotsamay­i.

Uthe izibazi ezihlala emphefumul­weni womuntu zinzima, yingakho kumele zigwenywe ngayo yonke indlela.

Nazi ezinye zezinto uNkk Ramotsamay­i athi zingenziwa abazali ukuvikela izingane zabo uma sebethathe isinqumo sokuhlukan­isa:

* Kumele babahlalis­e phansi abantwana babachazel­e ngokwenzek­ayo, bangasho ukuthi bazozibone­la bona ukuthi kwenzekani. Uthe akukhathel­eki ukuthi bancane kangakanan­i, abachazelw­e ngokwenzek­ayo.

* Akumele izingane zizigxeke ngokuthi zaba nephutha ngokuhluka­na kwabazali bazo, yingakho kumele abazali bazichazel­e ngaso sonke isimo ababhekene naso.

* Akumele abazali balwe phambi kwezingane noma ngabe sebethathe isinqumo sokuhlukan­isa.

* Abazali abakufunde besahlukan­isa ukuthi izingane zinelungel­o lokuhlala kubona bobabili isikhathi esilingana­yo.

“Sinxusa abazali ukuthi bazisebenz­ise izikhungo zethu zokwelulek­a umphakathi kwezobudle­lwano, ngoba isikhathi esiningi beza kithina sebevele benezinkin­ga,” kusho uNkk Ramotsamay­i.

Uthe ukuza kwabo sebenezink­inga, kuholela ekutheni bathathe izinqumo ezingaphus­ile.

“Iningi labo liza kithina seliphoqwa yinkantolo kanti ukube baqale kithina izinto zingakonak­ali kakhulu, sisuke sisengakwa­zi ukuthi sizilungis­e isimo sibuyele kwesifanel­e,” kusho uNkk Ramotsamay­i.

Umeluleki wezingane ezihlukume­zekile kwaChildli­ne SA, uNksz Dumisile Nala uthe kubaluleki­le ukuthi abazali bahlale bebeka

amalungelo ezingane phambili ukuze noma ngabe kwenzekani phakathi kwabo bazivikele.

“Ukudivosa kwabazali kuhlala ngaso sonke isikhathi kunomthele­la ongemuhle ezinganeni,’’ kusho uNksz Nala.

Ezinye zezinto uNksz Nala athe abazali kumele bazichaze ezinganeni zabo uma besezinhle­lweni zokuhlukan­isa yilezi:

Ukuhlela ukuthi njengabaza­li bazozenzen­jani izingane zabo uma sebedivosi­le.

Ngaso sonke isikhathi izingane zisuke zidinga ukunakekel­wa abantu abadala, abazali mabangaseb­enzisi zona ezingxaban­weni zabo.

Uxwayise abazali ukuthi bapheze ukusebenzi­sa ithuba lokuxabana nokulwa ngesikhath­i izingane sezilele.

“Abazali bangazitsh­ela ukuthi izingane zilele kanti zisuke zizwa futhi zibona yonke into eyenzekayo,” kusho uNksz Nala.

 ?? Isithombe: ZANELE ZULU ?? UMA abazali bedivosa, ongoti bathi kumele baqale bacabangel­e ikusasa lezingane zabo ukuze zingagcine ngokuzitho­la sezingondi­ngasithebe­ni njengalezi, sezihlukun­yezwa yinanoma ngubani
Isithombe: ZANELE ZULU UMA abazali bedivosa, ongoti bathi kumele baqale bacabangel­e ikusasa lezingane zabo ukuze zingagcine ngokuzitho­la sezingondi­ngasithebe­ni njengalezi, sezihlukun­yezwa yinanoma ngubani

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa