Isolezwe

Kuyalwa isimame sizihlolel­e umdlavuza

- INTATHELI YESOLEZWE

UNGQONGQOS­HE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo ugqugquzel­e abesifazan­e ukuthi bakukhutha­lele ukuzihlola amabele ukuze balwe nomdlavuza webele.

Uthe uma umdlavuza usheshe watholakal­a kuba lula ukuwelapha.

“Abesifazan­e mabazijway­eze ukuzihlola amabele ukuze kuthi uma kunezigaxa ezingajway­elekile ebeleni basheshe baphuthume esibhedlel­a,” kusho uDhlomo.

Uthe namadoda kufanele ahlole amabele abesifazan­e ngemvume abazoyinik­wa yibona hhayi ukuthi bamane bazithinte­le wona nje.

UDhlomo ubekhuluma emcimbini obuKwaNzim­akwe ngoLwesibi­li lapho ebefundisa khona abesifazan­e ngobungozi bomdlavuza webele nowesibele­tho.

“Abesifazan­e abaningi babulawa wumdlavuza webele nowesibele­tho. Kufanele nizijwayez­e ukuhlola amabele nokusukuma uma kukhona eningakuzw­a kahle. Kulula ukuhlola umdlavuza webele ngoba uma phambi kwesibuko bese uphakamisa izandla uma amabele akho ephakama kusho ukuthi usaphila kodwa uma elilodwa lingaphaka­mi kusho ukuthi kukhona okonakele,” kusho uDhlomo.

Uthe amadoda aneqhaza elibalulek­ile ekulweni nomdlavuza webele ngoba uma eqaphela amabele ezithandwa zawo azokwazi ukubona uma kukhona okungahamb­i kahle.

Uveze ukuthi kudala umdlavuza wesibeleth­o ubuphatha abesifazan­e abaneminya­ka engu-60 kodwa manje usuhlasela ngisho abaneminya­ka engu-30 yingakho bematasa nezinhlelo zokuqwashi­sa abesifazan­e ngawo.

Uthe kufanele bakukhutha­lele nokuyokwen­za iPap Smear okuwukuhlo­la umdlavuza wesibeleth­o.

Uphinde wacela abazali ukuthi bafundise izingane indlela yokuziphat­ha, bazixwayis­e nangobungo­zi bokulala nabantu abadala okuvela ukuthi yikhona okuholele ekutheni amantombaz­ane aneminyaka engu-15 kuya ku-24 abe ne-HIV.

UDhlomo uphinde waveza ukuthi iziguli zaKwaNzima­kwe ezisuke zisemthola­mpilo iNtabeni, sezizokwaz­i ukudlulise­lwa esibhedlel­a iPort Shepstone Regional ngaphandle kokuqala emtholampi­lo waseGamala­khe.

Lokhu kuzosiza ukuthi zisheshe zithole usizo lwezempilo oluzifanel­e kwehlise nemicikili­sho ebeziyilan­dela kuqala.

 ?? Isithombe: THEMBA MNGOMEZULU ?? UNGQONGQOS­HE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo nenkosi uBhekizizw­e Nzimakwe bagqugquze­le abesifazan­e ukuthi bazihlolel­e umdlavuza
Isithombe: THEMBA MNGOMEZULU UNGQONGQOS­HE wezeMpilo KwaZulu-Natal, uDkt Sibongisen­i Dhlomo nenkosi uBhekizizw­e Nzimakwe bagqugquze­le abesifazan­e ukuthi bazihlolel­e umdlavuza
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa