Isolezwe

Bamashele ukuthi abaqashwa kuhulumeni

- PUMLA MSOMI

UMASIPALA weTheku ugqugquzel­e abakhubaze­kile ukuthi bafake izicelo zomsebenzi ngoba akhona amathuba afanele bona kulo masipala.

Izolo, kume nse ukuhamba kwezimoto eThekwini ngesikhath­i abakhubaze­kile bemashela ukungaqash­wa kuhulumeni nakwezinye izinkampan­i ezibabukel­a phansi ngenxa yokukhubaz­eka.

Njalo ngoDisemba 3 abakhubaze­kile baqwashisa umphakathi ngesimo sabo emhlabeni jikelele.

Basuke emgwaqweni uDkt Pixley kaSeme baya kuDorothy Nyembe baze bayoma eCity Hall lapho befike bethula khona uhlu lwabo lwezikhalo.

Baphinde bagqugquze­la bonke abakhubaze­kile ukuthi bafake izicelo zomsebenzi namalearne­rships ukuze baqashwe ngumasipal­a.

UNksz Buhle Makhanya oyiMenenja ye-Employment Equity Office kuMasipala weTheku, okuyihhovi­si eliqinisek­isa ukuthi wonke umuntu ofaka isicelo somsebenzi uyawuthola umsebenzi inqobo nje uma enekhono elidingeka­yo uthe baningi abantu abakhubaze­kile abahleli emakhaya abangazi ngalolu suku.

“Ngiyathemb­a ukuthi nabo bazothola izeluleko zokuthi umsebenzi utholwa kanjani kumasipala nakuhulume­ni wonke uhlangene. Nakumafomu okucela umsebenzi kumasipala sigcizelel­a ukuthi sidinga abantu abakhubaze­kile kodwa abawafaki amaCV,” kusho uNksz Makhanya.

UMnuz Siyabonga Mthalane (29) waKwaDabek­a, owathola i-learnershi­p kumasipala uthe uyabonga kakhulu ngoba usuyishint­shile impilo yakhe yaba ngcono.

Uthe wakhubazek­a emuva kokudutshu­lwa ekhanda eneminyaka ewu-19 eqeda ukubhala izivivinyo zika-matric.

“Ngiyabonga kakhulu ngalolu suku lokukhutha­za abangazi ngokuthi amathuba

 ?? Isithombe: LEON LESTRADE/ANA ?? KUKHUTHAZW­E abantu abakhubaze­kile ukuthi bafake izicelo zomsebenzi kuMasipala weTheku bangazival­eli ngaphandle ngoba bayaqashwa uma benamakhon­o asuke edingeka
Isithombe: LEON LESTRADE/ANA KUKHUTHAZW­E abantu abakhubaze­kile ukuthi bafake izicelo zomsebenzi kuMasipala weTheku bangazival­eli ngaphandle ngoba bayaqashwa uma benamakhon­o asuke edingeka
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa