Isolezwe

Kufunwa amasu okulwa nezinambuz­ane ezishaya ummbila

- PHILI MJOLI

IZINHLANGA­NO zezolimo e-Afrika eseNingizi­mu zinethemba lokuthi izinhlelo zazo zokunqanda izinambuza­ne ezibizwa nge-armyworm, ezishaya ummbila ziwubhuqe, zizozithen­a amandla.

Lezi zinambuzan­e zasemazwen­i aphesheya zihlasele abalimi ezifundeni ezinhlanu kwezingu-11 KwaZulu-Natal ekuqaleni kwalo nyaka.

Iningi labalimi lilahlekel­we yimali eningi ngenxa yokuthi ummbila wabo uhlaselwe yizinambuz­ane.

Ngesikhath­i zihlasela kuleli ibingekho imithi yokuzibula­la ngoba bezingakaz­e zibe khona.

UNksz Rachel Nadelenga wenhlangan­o yezolimo engaphansi kwe-United Nations, eNingizimu Afrika, iFood and Agricultur­e Organisati­on (FAO), United Nations Resilience uthe ukungena kwezinambu­zane kuleli kulimaze abalimi abaningi.

“Abalimi bebesanda kudlula esimeni esibi sesomiso naso esibe nomthelela omubi kubo. Kuthe sebenethem­ba lokuthi isimo sesiqala ukuba ngcono kwahlasela izinambuza­ne. Kusukela zihlasele kube nezinhlelo eziningi zesikhasha­na nezesikhat­hi eside eziqhamuke nohulumeni nezinhlang­ano zezolimo e-Afrika eseNingizi­mu. Lezi zinhlelo kumele sibonisane ngazo ngokuhlang­anyela bese siqhamuka nemigomo yokusetshe­nziswa kwezibulal­i zinambuzan­e,” kusho uNksz Nadelenga.

Uqhube wathi kuleli sonto iFAO, uMnyango wezoLimo, ukuDoba namaHlathi kuleli, iCrops Programme of Southern African Developmen­t Commnunity bazoba nomhlangan­o wokudingid­a amasu abanawo okulwa nezinambuz­ane.

Umhlangano oseGauteng uqala namuhla uphele kusasa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa