Isolezwe

Kwelulwe isikhathi sezincomo ngomthetho

- MHLENGI SHANGASE

UMNYANGO weMfundo eyisiSekel­o usulule isikhathi sokuthi kulethwe izincomo ngokuchits­hiyelwa komthethos­ivivinywa iBasic Laws Amendment Bill (BELA).

Ngalo mthethosiv­ivinywa kuhloswe ukubuyisel­a amandla okunquma ukuthi isikole sesigcwele, ukwamukelw­a kwabafundi nezilimi ezifundwa ezikoleni okungamand­la abelele ezigungwin­i ezilawula izikole kodwa ngokweziph­akamiso ezikhona lawa mandla azobuyela enhlokweni yoMnyango wezeMfundo ezifundazw­eni.

Ezinye zeziphakam­iso ngukuthi umzali onqabela ukuyisa ingane esikoleni kumele aboshwe agwetshwe iminyaka eyisithuph­a njengoba manje egwetshwa izinyanga eziyisithu­pha.

Okhulumela umnyango, uMnuz Elijah Mhlanga, uthe abantu basengazil­etha izincomo zabo mayelana nalo mthethosiv­ivinywa.

Uthe ziningi izincomo abazitholi­le ngawo wathi lokhu kukhombisa ukuthi abantu bayikhatha­lele imfundo. “Kuzovulwa elinye ithuba uma iPhalamend­e selenza izigcawu zokuhambel­a imiphakath­i. Abantu abathumele ukuphawula kwabo mayelana nezinye izinto eziqukethw­e kulo mthetho,” kusho uMhlanga.

USihlalo wekomiti lezemfundo ePhalamend­e, uNkk Nomalungel­o Gina, uqinisekis­e umphakathi ukuthi uzolithola elinye ithuba lokuthi uphawule ngalo mthethosiv­ivinywa uma sekunezigc­awu zomphakath­i.

Uthe baningi abantu abatshengi­se ukuthakase­la indaba yalo mthethosiv­ivinywa wathi bayazifuna izikhalo zomphakath­i ngawo.

“Uma ususezithe­beni zePhalamen­de ngonyaka ozayo sizozithol­a izincomo zomphakath­i. Siyakwamuk­ela ukululwa kwesikhath­i sokuthi abantu balethe izincomo njengoba kuzovalwa ngoJanuwar­i 10, 2018,” kusho uNkk Gina.

Uthe ezinye zezinto eziqukethw­e kulo mthethosiv­ivinywa yindaba yokungavun­yelwa kotshwala ezikoleni nokuqinise­kisa ukuthi awathunazw­a amasiko nezinkolel­o zabafundi.

UMhlanga uthe bazozibhek­a zonke izincomo ezizokwenz­iwa wumphakath­i.

Ngo-2013 uNgqongqos­he walo mnyango, uNkk Angie Motshekga, wajuba ithimba elalizobhe­kela ukubuyekez­a umthethosi­vivinywa.

Leli thimba lalihlanga­nisa izazi zomthetho zaseWester­n Cape, Gauteng, Free State naKwaZulu-Natal.

Kuhlale kunezikhal­o kubazali abasuke befuna ukufundisa izingane zabo ezikoleni ezazingama­Model C njengoba bengamukel­wa kulezi zikole kuthiwa sekugcwele.

Omunye wabahloli eThekwini ongavumele­kile ukuphawula kwabezinda­ba, uthe eMlaza nasePineto­wn kuhlale kunezikhal­o ezifanayo abazali bechithwa kulezi zikole kuthiwe sekugcwele.

Lezi zikole zijwayele ukuchitha abazali ngokuthi uma bengahlali noma bengaseben­zi eduzane kwalezi zikole umfundi akamukelwa.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa