Isolezwe

Isikhulu sezemfundo sicacisa ngohlelo lokuqasha abamaka u-matric

- MHLENGI SHANGASE

ISIKHULU esibhekele izivivinyo emnyangwen­i wezemfundo KwaZulu-Natal sesifanise othisha abakhala ngokuthi abazange baqokelwe ukumaka u-matric njengosoma­bhizinisi abakhalayo uma bengayitho­langa ithenda.

UDkt Barney Mthembu, ufanise ukumaka nethenda ehlale iconselwa amathe abaningi.

Kube nesikhalo kwezinye zezinyunya­na ngokuthi kuqashwe othisha abangawufu­ndisi u-matric ukumakela abafundi bakwa-matric.

UMthembu uvumile ukuthi kuyenzeka baqashe othisha abangalifu­ndisi leli banga ukuyomaka.

“Kwesinye isikhathi uthola ukuthi isifundo esifana nezilimi zidinga abamaki abaningi. Siya kwamanye amabanga, siqale kuGrade 11 sibheke othisha abafundisa lezi zilimi. Umuntu esimthatha­yo, ofundisa leli banga, uma engekho sithathe omunye oke walifundis­a eminyakeni emithathu edlule noma kungathiwa usefundisa elinye ibanga,” kusho uMthembu. Ukumakwa kuqala ngempelaso­nto kuphothulw­a ngoDisemba 14.

UMthembu uthe othisha bafike bafundiswe indlela abazomaka ngayo kubhungwe ngephepha abazobe belisebenz­isa bemaka.

Omunye wothisha okhulume neSolezwe, wacela ukungavezw­a, uthe sekuneminy­aka efaka isicelo sokumaka kodwa akhale ngaphansi. Uthe uthola imiphumela emihle kwiLife Sciences futhi ufundisa u-matric kodwa akakaze aqashwe ukuyomaka. “Iyasikhali­sa le nto ngoba siyazi kuqashwa abantu abangawufu­ndisi u-matric. Sikhona sithola o-100% kwa-matric ezifundwen­i zethu kodwa asiqashwa. Siyasola kuhamba ngetiye ukuqashwa kwabamakay­o,” kusho lo thisha othe baningi nabanye ozakwabo abakhala esifanayo.

UNgqongqos­he wezeMfundo esifundazw­eni, uMnuz Mthandeni Dlungwane, uthe bacela ku-90 000 othisha esifundazw­eni ngakho ngeke bamukelwe bonke ukuyomaka. “Ngeneme ngendlela okuqokwe ngayo othisha abayomaka.”

UMthembu uphawule nangamamak­i onyaka aziwa nge-Cass Mark umfundi aya nalo ezivivinyw­eni elenza u-25% weziviviny­o.

Uthe abakaze babe nezinkinga ezinkulu ngaphandle kokuthi umkhandlu oqinisekis­a izingabunj­alo lezemfundo, uMalusi uye ubheke ukuthi leli maki liyahambis­ana yini nalokhu obekutholw­a ngumfundi unyaka wonke.

“Uye uthole ukuthi umfundi unikwe u-90% wonyaka wonke kodwa ezivivinyw­eni bese eshaya udaka athole u-10%. Umalusi ube usulehlisa leli maki ngoba kusuke kucaca ukuthi umfundi usuke ephiwe lona. Sibaqeqesh­ile othisha ngendaba yokuthi kumele bayenzenja­ni indaba ye-Cass Mark,” kusho uMthembu.

 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa