Isolezwe

Abalutholi usizo abagilwa ngokocansi

- LUNGI LANGA

IZIKHUNGO zezempilo zakuleli okufanele engabe zisiza abesifazan­e abahlukuny­ezwa ngokocansi ziyahlulek­a ukubasiza ngendlela.

Lokhu kuvezwe umbiko wenhlangan­o yezempilo iMédecins Sans Frontières/ Doctors Without Borders (MSF), owethulwe ngoLwesibi­li, eGauteng.

Zingu- 265 izikhungo zezempilo ezifundazw­eni zakuleli okwaziwa ukuthi zihlinzeka usizo lwezempilo kwabesifaz­ane abasuke bengabagil­wa bokudlweng­ulwa. U-85% walezi zikhungo usezibhedl­ela ngaphakath­i. U-56% walezi zikhungo zilinda odokotela ukuze kube yibo abahlola abesifazan­e abadlwengu­liwe. Umbiko uthe lokhu kuholela ekutheni abesifazan­e abadlwengu­liwe balinde isikhathi eside ukuze bathole usizo.

Lo mbiko uphinde uveze ukuthi zingu27% kuphela izikhungo ezihlinzek­a usizo lokululekw­a ngokwengqo­ndo. U-28% walezi zikhungo azinabo osonhlalak­ahle futhi ezinye azikwazi ukuhlola abesifazan­e ukuze bathole ubufakazi obungasiza uma icala lokudlweng­ula selisenkan­tolo.

Kuphinde kwavela ukuthi izikhungo eziningi azinazo izinsiza ezisuke zidingwa abesifazan­e abadlwengu­liwe njengemish­anguzo yokuvikela igciwane lengculazi i-post-exposure prophylaxi­s, imishanguz­o yokuvikela ukukhulelw­a nokunye.

Abacwaning­i bathe kufanele umnyango wezempilo ushintshe indlela okusetshen­zwa ngayo ezikhungwe­ni zawo ukuze uqinisekis­e ukuthi bathola usizo ngokushesh­a abesifazan­e abakhulelw­e.

UDkt Amir Shroufi ongumgqugq­uzeli wezinhlelo zezempilo kwi-MSF kuleli uthe akufanele abesifazan­e abadlwengu­liwe baye ezindaweni eziningi ukuze bathole usizo.

“Kubaluleki­le ukuthi abagilwa bokudlweng­ulwa bathole lonke usizo abaludinga­yo endaweni eyodwa,” kusho uDkt Shroufi.

Kwezinye izifundazw­e okubalwa kuzo iNorth West kuvele ukuthi abasebenzi bezempilo abaqeqeshi­we ngokwenele ukuze bakwazi ukunakekel­a abesifazan­e abadlwengu­liwe.

Okhulumela uMnyango wezeMpilo kuzwelonke, uMnuz Popo Maja uthe sebewuboni­le umbiko.

Uthe bayakwamuk­ela okushiwo yiwo. UMaja uthe izikhungo zezempilo zikahulume­ni ziphansi kwengcinde­zi ngenxa yesibalo sabantu abathola usizo kuzona nokwenza kube nzima ukuthi zibe nezinsiza ezenele.

Uthe banethemba lokuthi ukulethwa komshwalen­se wezempilo kahulumeni, iNational Health Insurance (NHI) kuzokwenza umehluko.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa