Isolezwe

I-ANC ayingayith­athi kancane eyendle KwaDukuza

-

NGESIKHATH­I obengumeng­ameli waseZimbab­we, uMnuz Robert Mugabe, ephilisa kabuhlungu izakhamuzi abezipheth­e, uphiko lwentsha lweZanu-PF ngezinye zezinto ezasetshen­ziswa ukulwa nezimbangi.

Ngesikhath­i esandulela ukhetho lwango-2008 kuleli zwe, uphiko lwentsha lwaluhamba phambili ezigamekwe­ni zodlame ezaholela ekuhlaselw­eni nasekubula­weni kwezinkulu­ngwane zabalandel­i beMDC ababehlush­elwa ukungahamb­isani noMugabe.

Lokhu kwakwenziw­a njalo yinhlangan­o eyaletha inkululeko nentando yabantu eZimbabwe.

NjengeZanu-PF eZimbabwe, lapha eNingizimu Afrika i-ANC iyona okufanele ihambe phambili ekuvikelen­i izimiso zoMthethos­isekelo ezinikeza wonke umuntu ilungelo lokubeka umbono wakhe ngokukhulu­leka futhi nokuzikhet­hela afisa ukuzihlang­anisa nakho.

Yingakho nje sinyanyeka isenzo se-ANCYL KwaDukuza sokuphazam­isa owayenguNg­qongqoshe weziMali, uMnuz Pravin Gordhan.

UGordhan, owayepheke ngebhodwe elincane uNgqongqos­he wamaBhizin­isi kaHulumeni uNksz Lynne Brown esigcawini esiphenya ngokwenzek­a kwa-Eskom mayelana nokulawulw­a kombuso yidlanzana, ubemenywe ukuthi akhulume emcimbini obuKwaDuku­za ngeSonto.

Nokho-ke amalungu e-ANCYL acasukile ukuzwa ukuthi uzobe ekhona uGordhan kanti kuthiwa abeke amabhakede amabili anendle emnyango wehholo abezokhulu­ma kulo.

Kumele sikusho ukuthi akukhona okokuqala ukuthi uGordhan aphazanyis­we ezokhuluma KwaZulu-Natal. Ngo-Ephreli enkonzweni yesikhumbu­zo sikaMnuz Ahmed Kathrada, uGordhan noMgcinima­fa-jikelele kaKhongolo­se uDkt Zweli Mkhize bahhahhany­ezwa. Nakhona lapho kusolwa amalungu e-ANCYL.

Umkhuba omubi lona futhi kufanele wonke umuntu oweseka intando yabantu awugxeke. Siwumphaka­thi kufanele singakuvum­eli ukusetshen­ziswa kwemikhuba ephambene nentando yabantu ukulwa nezitha.

Uma singathula, singawugxe­ki lo mkhuba kuzogcina sekusixaka. Yingakho nje silindele ukuthi abaholi be-ANC baphenye ngalesi senzo esenyanyek­ayo bese bethathelw­a izinyathel­o labo abazothola­kala benecala.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa