Ufuna ngimuphe uR3 000 ngenyanga ukuze sibuyelane
EZOTHANDO
UMBUZO: Ngithandana nowesilisa oyisikhulu esiphezulu kumasipala wangakithi. Ngiyazi ukuthi ushadelwe noma izinto zibukeka zingahambi kahle ekhaya. Wayekhombisa ukunginakekela ngomsebenzi lapha nalaphaya, engithembisa okukhulu sisaqala. Manje usengiphatha nanoma ikanjani futhi akasakhombisi nokungithanda. Kanti nokuyimisebenzi ayenginika yona sekumile. Akasazibambi ngisho izingcingo zami futhi sesibonana uma kuthande yena. Ngizizwa nginentukuthelo enkulu uma ngicabanga ngesikhathi sami asedlale ngaso. Igama Ligodliwe, eThekwini Impendulo:
Kuyacaca dadewethu ukuthi lo wesilisa usedlulile kuwena. Akukho ongakwenza uma uthando lungasekho ngaphandle kokuthi uphume ungaze uzizwise ubuhlungu kakhulu. Qhubeka uzifunele eminye imisebenzi.
Umbuzo: Ngithandana nowesifazane engamthola ekhulelwe ingane yenye indoda. Basebehlukene nobaba wengane ngesikhathi sihlangana. Yafika ingane ngayithatha njengeyami. Iminyaka emibili yonke ubaba wengane engabonwa nangokhalo, kuyimina ongubaba enganeni. Muva nje, ngisanda kuthola futhi nginesiqiniseko sokuthi sebebuyelene nobaba wengane. Mina bengazi ukuthi akamazi nokuthi uhlalaphi lo mlisa. Kumanje ngiphithene ikhanda emva kwamandla ami angaka ngikhulisa le ngane yabo. Inkinga ngiyamthanda lo wesifazane futhi nengane yazi mina njengoyise. Kwenziwanjani?
Muzi, Pimville eSoweto Impendulo
Ukukhulisa umntwana iminyaka engaka ngaphandle kukayise omzalayo akuyona into encane. Hlala phansi nomama wengane ukwenza isiqiniseko sokuthi ngempela usebuyile ubaba wengane. Okunye okumele akwazi umama wengane ukuthi isiphi isiqiniseko sokuthi lobaba wengane owamushiya ekuqaleni ngeke amushiye manje. Kunobungozi obukhulu kuyena nasemntwaneni ukubuyelana kwabo. Umntwana angamazi ukuthi ubani ubaba wakhe omuzalayo ngaphandle kokuthi baze babuyelane Umbuzo: Ngithandana nosisi oneminyaka ewu23 nesesithandane naye iminyaka emihlanu. Ubeyingane ebengiyithemba futhi ngizikhulisela yona nebengiyenzela konke ekudingayo. Ngiyifundise yaze yathola ngisho izincwadi zokushayela. Ngemuva kwakho konke lokhu, sengibona isithombe sakhe ku-facebook eqabulana nomlisa othize. Uma ngimbuza, uthi mina angimuphi imali eyanele nokuyisona sizathu esimenze wangijolela. Ugcine ethi ukuze siqhubeke angomnika noma R3 000 njalo ngenyanga ukuze sibuyelane ngithande yena yedwa. Ingane ebengiyihlonipha kakhulu, asikaze silale ngoba ngazi ukuthi useyintombi nto. Ngisazifela ngaye kodwa lokhu kwemali nokungathembeki kuyangihlupha kakhulu. Igama Ligodliwe, ePaulpietersburg Impendulo
Yabuhlungu le nto eyenziwa ilo wesifazane. Kodwa okuhle ukuthi usezikhombisile ukuthi ungumuntu onjani. Ngakho usuyabona nawe ukuthi ukulungele noma cha. Imali ayingeni nhlobo kwezomathandana. Awumdingi umuntu onjalo empilweni yakho. Abantu abanjena banobungozi kakhulu ngoba uzohlala naye iminyaka bese eyakushiya ekugcineni. Umbuzo
Nginenkinga kankosikazi wami othatha izindaba zethu azineke kumama wakhe. Ngazi kahle ukuthi akukho umama wakhe angakwazi ngomshado wethu ngoba uhlezi engibuza izinto ezenzeka la ekhaya. Mina nginobufakazi obuphelele bokuthi ubaba kankosikazi akathembekile kumkhwekazi wami kodwa angikaze ngithi vu. Isiqala ukungikhathaza lento kamkhwekazi nezindaba zakwami. Ngiyamhlonipha kakhulu. Angazi ngingamukhipha kanjani ezindabeni zomuzi wami?
Mhlampe loko komsiza nokubona ukuthi kwenzakalani kwakhe.
Mxolisi, Emgababa Impendulo
Ubudlelwano phakathi kukamama nendodakazi buwubudlelwano obubalulekile kakhulu. Empeleni indodakazi iyabukela kumama wayo indlela ikakhulukazi mekuza kwezomshado. Ingakho isisho sesiZulu sithi ‘indlela ibuzwa kwabaphambili’. Noma kunjalo, akukuhle ukukhipha izindaba zomuzi wenu ekumele zibe phakathi kwenu njengonkosikazi nendoda. Sinesiqiniseko sokuthi unkosikazi wakho akakwenzi lokhu ngoba ezama ukona umshado wenu. Njengomndeni akenilukhulume loludaba. Mazise ngobungozi bokukhuluma ngezindaba zenu kuMama wakhe. Wena ufuna ukuthi umkhwekazi wakho akuhloniphe njengendoda yekhaya kodwa angathathi lezindaba azizwayo ngawe nangomuzi wakho bese eyakucwasa njengendoda nomkhwenyana. Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo & Phindi Email: info@moandphindi. com