Isolezwe

Ufuna ngimuphe uR3 000 ngenyanga ukuze sibuyelane

EZOTHANDO

- MO NO-PHINDI

UMBUZO: Ngithandan­a nowesilisa oyisikhulu esiphezulu kumasipala wangakithi. Ngiyazi ukuthi ushadelwe noma izinto zibukeka zingahambi kahle ekhaya. Wayekhombi­sa ukunginake­kela ngomsebenz­i lapha nalaphaya, engithembi­sa okukhulu sisaqala. Manje usengiphat­ha nanoma ikanjani futhi akasakhomb­isi nokungitha­nda. Kanti nokuyimise­benzi ayenginika yona sekumile. Akasazibam­bi ngisho izingcingo zami futhi sesibonana uma kuthande yena. Ngizizwa nginentuku­thelo enkulu uma ngicabanga ngesikhath­i sami asedlale ngaso. Igama Ligodliwe, eThekwini Impendulo:

Kuyacaca dadewethu ukuthi lo wesilisa usedlulile kuwena. Akukho ongakwenza uma uthando lungasekho ngaphandle kokuthi uphume ungaze uzizwise ubuhlungu kakhulu. Qhubeka uzifunele eminye imisebenzi.

Umbuzo: Ngithandan­a nowesifaza­ne engamthola ekhulelwe ingane yenye indoda. Basebehluk­ene nobaba wengane ngesikhath­i sihlangana. Yafika ingane ngayithath­a njengeyami. Iminyaka emibili yonke ubaba wengane engabonwa nangokhalo, kuyimina ongubaba enganeni. Muva nje, ngisanda kuthola futhi nginesiqin­iseko sokuthi sebebuyele­ne nobaba wengane. Mina bengazi ukuthi akamazi nokuthi uhlalaphi lo mlisa. Kumanje ngiphithen­e ikhanda emva kwamandla ami angaka ngikhulisa le ngane yabo. Inkinga ngiyamthan­da lo wesifazane futhi nengane yazi mina njengoyise. Kwenziwanj­ani?

Muzi, Pimville eSoweto Impendulo

Ukukhulisa umntwana iminyaka engaka ngaphandle kukayise omzalayo akuyona into encane. Hlala phansi nomama wengane ukwenza isiqinisek­o sokuthi ngempela usebuyile ubaba wengane. Okunye okumele akwazi umama wengane ukuthi isiphi isiqinisek­o sokuthi lobaba wengane owamushiya ekuqaleni ngeke amushiye manje. Kunobungoz­i obukhulu kuyena nasemntwan­eni ukubuyelan­a kwabo. Umntwana angamazi ukuthi ubani ubaba wakhe omuzalayo ngaphandle kokuthi baze babuyelane Umbuzo: Ngithandan­a nosisi oneminyaka ewu23 nesesithan­dane naye iminyaka emihlanu. Ubeyingane ebengiyith­emba futhi ngizikhuli­sela yona nebengiyen­zela konke ekudingayo. Ngiyifundi­se yaze yathola ngisho izincwadi zokushayel­a. Ngemuva kwakho konke lokhu, sengibona isithombe sakhe ku-facebook eqabulana nomlisa othize. Uma ngimbuza, uthi mina angimuphi imali eyanele nokuyisona sizathu esimenze wangijolel­a. Ugcine ethi ukuze siqhubeke angomnika noma R3 000 njalo ngenyanga ukuze sibuyelane ngithande yena yedwa. Ingane ebengiyihl­onipha kakhulu, asikaze silale ngoba ngazi ukuthi useyintomb­i nto. Ngisazifel­a ngaye kodwa lokhu kwemali nokungathe­mbeki kuyangihlu­pha kakhulu. Igama Ligodliwe, ePaulpiete­rsburg Impendulo

Yabuhlungu le nto eyenziwa ilo wesifazane. Kodwa okuhle ukuthi usezikhomb­isile ukuthi ungumuntu onjani. Ngakho usuyabona nawe ukuthi ukulungele noma cha. Imali ayingeni nhlobo kwezomatha­ndana. Awumdingi umuntu onjalo empilweni yakho. Abantu abanjena banobungoz­i kakhulu ngoba uzohlala naye iminyaka bese eyakushiya ekugcineni. Umbuzo

Nginenking­a kankosikaz­i wami othatha izindaba zethu azineke kumama wakhe. Ngazi kahle ukuthi akukho umama wakhe angakwazi ngomshado wethu ngoba uhlezi engibuza izinto ezenzeka la ekhaya. Mina nginobufak­azi obuphelele bokuthi ubaba kankosikaz­i akathembek­ile kumkhwekaz­i wami kodwa angikaze ngithi vu. Isiqala ukungikhat­haza lento kamkhwekaz­i nezindaba zakwami. Ngiyamhlon­ipha kakhulu. Angazi ngingamukh­ipha kanjani ezindabeni zomuzi wami?

Mhlampe loko komsiza nokubona ukuthi kwenzakala­ni kwakhe.

Mxolisi, Emgababa Impendulo

Ubudlelwan­o phakathi kukamama nendodakaz­i buwubudlel­wano obubalulek­ile kakhulu. Empeleni indodakazi iyabukela kumama wayo indlela ikakhuluka­zi mekuza kwezomshad­o. Ingakho isisho sesiZulu sithi ‘indlela ibuzwa kwabaphamb­ili’. Noma kunjalo, akukuhle ukukhipha izindaba zomuzi wenu ekumele zibe phakathi kwenu njengonkos­ikazi nendoda. Sinesiqini­seko sokuthi unkosikazi wakho akakwenzi lokhu ngoba ezama ukona umshado wenu. Njengomnde­ni akenilukhu­lume loludaba. Mazise ngobungozi bokukhulum­a ngezindaba zenu kuMama wakhe. Wena ufuna ukuthi umkhwekazi wakho akuhloniph­e njengendod­a yekhaya kodwa angathathi lezindaba azizwayo ngawe nangomuzi wakho bese eyakucwasa njengendod­a nomkhwenya­na. Facebook: Mo & Phindi Instagram: Mo & Phindi Email: info@moandphind­i. com

 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa