Isolezwe

Bhekelani impilo yabahamba ngezimoto zenu

-

MHLELI: Ngithatha leli thuba ukuphawula ngento esijwayele­kile emphakathi­ni ubungozi bayo obunganakw­a ekubeni umphumela wayo uyokhalisa abaningi ngelinye ilanga.

Kunale nto yamatekisi namaveni agibelisa izingane zethu. Hheyi bakwethu ayive inomsindo imisakazo edlala kuwona. Sekuyifesh­ini ukuthi kufanele agqome asho ngomsindo oqhuma phezulu izingane zigcwele zichichima kuwona.

Ngokocwani­ngo, lomgudu wozokuzwa (hearing process) kuthiwa lo msindo ongaka uyawabulal­a ama -cells okuzwa aphele kancane kancane.

Umonakalo awusheshi ukubonakal­a kodwa kuthi lapho inkinga yokuzwa isivela kusuke sekungekho okungenziw­a, isimo sisuke sesingeke sisabuyise­lwa emuva.

Kuyothi uma izingane seziqala ukufunda emazingeni aphezulu umonakalo uyobe usumkhulu kakhulu. Kusho ukuthi izingane eziningi kuyodingek­a ukuthi zithole usizo lokwelashw­a ukuze ziqhubeke nempilo.

Kubuhlungu kimina ukubona impilo yezingane zethu ishabalala kancane kancane ishabalali­swa abantu abanye babo abangazang­e bafike kwakufika emazingeni emfundo engikhulum­a ngawo noma abangayikh­athalele impilo yezingane zethu.

Sicela abanikazi bamatekisi nabashayel­i bawo bangacaban­gi ngokungena kwemali nje kuphela kuleli bhizinisi labo kodwa babhekele nempilo yabantu abahamba ngalezi zimoto zabo.

Ngiphakami­sa ukuthi uhulumeni abeke nemigomo ezolawula umsindo kulezi zimoto ezithutha izingane futhi bajeziswe abawuphula­yo ngoba ikusasa lezingane zethu leli elimosheka­yo. Izwe lethu libuswa ngemitheth­o, ngakhoke mawufakwe nozolawula lesi simo engikhala ngaso.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa