ITheku nohlelo lokuheha abatshalizimali
UMASIPALA weTheku wethule ngokusemthethweni izinhlelo zawo zokuheha abatshalizimali bakwamanye amazwe kule minyaka emihlanu ezayo.
Kulindeleke ukuthi kuhehwe abatshalizimali abazoza nezinhlelo zokuthuthukisa umnotho ezingaphezu kuka-33.
Uma sezifikile lezi zinhlelo kulindeleke ukuthi zingenise u-R3.3 billion emnothweni weTheku zakhe namathuba omsebenzi angu-4 000. Lezi zinhlelo zizokwenziwa yinhlangano i-Invest Durban engaphansi kukaMasipala weTheku.
IMeya yeTheku uNkk Zandile Gumede ithe izinhlelo zabo ezintsha zizoheha abatshalizimali, zikhulise umnotho ziphinde zisuse imicikilisho yokuqhuba ibhizinisi eThekwini. Ithe umasipala uzofaka imali ezinhlelweni ze-Invest Durban ukuze ifeze izinhloso zokuheha abatshalizimali.
UMnuz Phillip Sithole oyiMemenja esabambile ophikweni lwezomnotho kuMasipala weTheku uthe lezi zinhlelo baziqale ezinyangeni ezingu-18 ezedlule ngesikhathi bexoxisana noMnyango weziMali ukuthi ubalekelele ezinhlelweni zokuheha abatshalizimali. “Silande izazi zeWorld Bank Group ukuthi zizosicobelela ngolwazi, sase siza nohlelo olusha lokuheha abatshalizimali.”
Uthe ngeke bagcine ngokuheha abatshalizimali kuphela kodwa bazoqinisekisa ukuthi labo abakhona bayanakekelwa.
Kuzoba khona nethimba elibizwa ngeTeam Durban eliphethe izazi ezingu-15 zemikhakha ehlukene okuyizona ezizosiza umasipala ngezinhlelo zawo.
UMnuz Russel Curtis we-Invest Durban uthe iTeam Durban izogxila emikhakheni emihlanu okungowezezimoto, owokuthuthwa kwempahla, owezobuchwepheshe, owezolimo nemikhiqizo yakhona nowesayensi ohlanganisa ezempilo.
Uthe iTheku liyikhaya lechweba elikhulu e-Afrika okusho ukuthi abatshalizimali bazokwazi ukuthumela impahla yabo kalula.
USithole uthe uhlelo olusha luzongenisa imali emkhandlwini, lunyuse intela engena emnothweni weTheku, luze namakhono amasha, amathuba emisebenzi luphinde luguqule ezomnotho.
Isazi somnotho uMnuz Dawie Roodt uthe izinhlelo zikamasipala weTheku zizofezeka uma izikhulu ziqonda ukuthi abatshalizimali bafuna ukutshala imali yabo endaweni ephephile nokulula ukuqhuba umsebenzi kuyo.
“Akekho umuntu otshala imali yakhe ngoba efuna ukuqeda ububha. Kumele siwuyeke lowo mcabango futhi siyeke nokubekela abatshalizimali imithetho engathi shu. Kufanele babone kulula ukuqhuba ibhizinisi bese betshala imali yabo,” kusho uRoodt.