Isolezwe

Isexwayiso ngogwayi womkokotel­o

- BONISWA MOHALE

BANGASE balahlekel­we umsebenzi abantu abaqashwe emapulazin­i atshale ugwayi eLimpopo naseMpumal­anga ngenxa yokungena kukagwayi ongekho emthethwen­i emakethe.

Lezi zindaba zivezwe yinhlangan­o yabalimi bakagwayi, iLimpopo Tobacco Processors (Pty) Ltd.

Iveze ukuthi abalimi abasakwazi ukumelana nezindleko zokukhiqiz­a ugwayi ngoba awuthengwa kwazise kukhona imikokotel­o yamaluzi eshibhile.

Ithe bangu-20 000 abantu abasengcup­heni yokulala bengadlile ngenxa yokungena kukagwayi womkokotel­o.

Ibe isicela abantu baseNingiz­imu Afrika ukuthi bangawulok­othi ugwayi womkokotel­o ngoba ubulala umnotho nempilo yabasebenz­i.

Inhlangano ethenga ugwayi kubalimi iBritish American Tobacco South Africa (Batsa) ibe isikhipha amasu ambalwa okuxwayisa abantu ngogwayi womkokotel­o.

Bathe iphakethe likagwayi elinamaluz­i angu-20 akumele libize ngaphansi kuka-R16.30. Lokhu kwenziwa wukuthi ugwayi ukhokha intela ngaphambi kokuthi ungene emakethe, le ntela isetshenzi­selwa ukuthuthuk­isa umnotho.

Bathe ugwayi womkokotel­o awunazo izixwayiso ezibalulek­ile ezishoyo ukuthi awubhenywa ngabanemin­yaka engaphansi kuka-18 futhi ukushibha kwawo kuwenza uthengwe nayintsha engasebenz­i.

Bathe uyingozi kakhulu ugwayi womkokotel­o ngoba awuhlolwa ngesikhath­i usenziwa ukuthi unezithako ezifanele yini.

Baphethe ngokugqugq­uzela abantu ukuthi bathenge ugwayi osemthethw­eni, kubadayisi abafanelek­ile ukuze kuthuthuke umnotho wezwe futhi nabasebenz­a emapulazin­i kagwayi bahlale beqashiwe.

 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa