Bahlasela eBotswana Abantwana
PHEZU kokubhekana nezinselelo zokuqeqesha amantombazane asemancane ezingeni leqembu lesizwe, umqeqeshi waBantwana, uSimphiwe Dludlu, wethemba ukuthi ulwazi abalunika abadlali luzobe lwanele ekutheni babhekane neBotswana emdlalweni wokuhlungela iNdebe yoMhlaba.
ABantwana, okuyiqembu lakuleli likaUnder 17, bazovakashela iBotswana kusasa emdlalweni womlenze wokuqala endleleni ebheke kwiNdebe yoMhlaba ezoba se-Uruguay ngonyaka ozayo.
UDludlu, owayengukaputeni weBanyana Banyana, ekuqaleni kwesonto ekhuluma kwiwebsite yeSafa uveze ukuthi unomsebenzi onzima wokubeka abadlali ezingeni lokulungela ukudlala.
“Ngeke ngithi konke kuhamba kahle ngoba abadlali bafike manconzu njengoba abanye besaqedela izivivinyo zokuphela konyaka. Okunye esibhekana nako wukuthi lapha sikhuluma ngabadlali abanye babo abaneminyaka engu-14 okusamele bavuthwe ngokomqondo nangendlela yokudlala. Nokho engikuthandayo wukuthi ithalente ngiyalibona nokuzokwenza kube nzima ukukhetha isikwati esizohamba naso,” kusho uDludlu.
IBotswana emzuliswaneni wokuqala ikhiphe iZambia iyihlula ngo 9-2 okuwumphumela wemilenze emibili.
Lo mqeqeshi osemncane ophinde ahlaziye ibhola kwiSuperSport, uzwakale ezethemba ngokufaka izwe kwiNdebe yoMhlaba.
Kwagcina ngo-2010 ukuthi amantombazane aye kwiNdebe yoMhlaba eTrinidad and Tobago lapho elakuleli laqeda emsileni eqoqweni elalineGermany, South Korea neMexico.
“Sesiside isikhathi, kumele silivale leli gebe. Uma sesiya kwiNdebe yoMhlaba kuzoba kuhle kakhulu ngoba uma sibheka abadlali abadlala ngo-2010 abanye sebedlala phesheya,” kusho uDludlu.
Uma iNingizimu Afrika idlula kwiBotswana emzuliswaneni olandelayo ongowokugcina ngoFebhuwari izodlala nozonqoba phakathi kweMorocco ne-Equatorial Guinea.