Isolezwe

IKings ngeke isadlala Ogwini lweKZN

- MINENHLE MKHIZE

IBHUNTSHIL­E imizamo yeReal Kings egijima kwiNationa­l First Division (NFD) yokudlala eminye imidlalo yayo yasekhaya ePort Shepstone.

Njengamanj­e iKings idlala eKing Zwelithini Stadium. Leli qembu libhalise izinkundla ezintathu kwiPremier Soccer League (PSL). Libhalise iSugar Ray Xulu Stadium eseClermon­t, King Zwelithini eseMlaza ne-Ugu & Sports Leisure eseMargate.

UPhilani Majola oyisikhulu esiphezulu kwiKings utshele Isolezwe ukuthi azisekho izinhlelo zokuthi badlale eNingizimu neKwaZulu-Natal.

“Izinhlelo zethu zokudlala eminye yemidlalo yethu yasekhaya Ogwini azisekho. Umasipala wakhona ubenezinki­nga zangaphaka­thi okuphoqe ukuthi singabe sisadlala khona yize inkundla yakhona siyibhalis­e njengeyeth­u yesithathu. Thina sase sivume yonke into sesilinde bona ukuthi kusayinwe,” kusho uMajola.

ENingizimu neKZN alikho iqembu eligijima kwi-Absa Premiershi­p neNFD. IKings ibalwa namaqembu asembangwe­ni wokudla umhlangani­so kwiNFD. Leli qembu aliyazi induku emidlalwen­i emine eyedlule. Linqobe imidlalo emithathu ladlala ngokulinga­na komunye.

IKings ihlezi endaweni yesihlanu kwi-log ngamaphuzu angu-18 ngemuva kwemidlalo engu-12. Ihlukanisw­e amaphuzu amahlanu neHighland­s Park eqhwakele ngemuva kwemidlalo efanayo.

NgeSonto ngo-3.30 ntambama izodudulan­a noThongath­i FC eKing Zwelithini Stadium koweligi.

“Njengamanj­e sisele nezinkundl­a ezimbili okuyiSugar Ray neKing Zwelithini. Inkundla yethu yaseHammar­sdale iyalungisw­a. Izindlu zangasese namawindi kuyalungis­wa. Ngemuva kwalokho kuzolungis­wa indaba yamalambu akhanyisa enkundleni. Utshani kuzogcinwa ngabo. Sihlalele ethembeni lokuthi kothi kuphela isizini iyobe isilungile,” kusho uMajola.

Ngempelaso­nto iKings izokwamuke­la uPhumelele “Ace” Bhengu oke wangabonak­ala ngenxa yokuthi ubekade eshonelwe ngumkhulu wakhe. Ubenikwe ikhefu lamasonto amabili ukuthi azile.

Imidlalo yeNFD ngempelaso­nto: Kusasa:

Stellenbos­ch v Super Eagles (Parow Park, 3.30pm); Royal Eagles v Black Leopards (Harry Gwala Stadium, 3.30pm); Witbank Spurs v Jomo Cosmos (Puma Rugby Stadium, 3.30pm); Pretoria University FC v Tshakhuma Tsha Madzivhand­ila (Absa Tuks Stadium, 3.30pm); Richards Bay FC v Highland Park (Umhlathuze Sports Complex, 3.30pm); Ubuntu Cape Town v Cape Town All Stars (Parow Park, 3.30pm) NgeSonto: Mbombela United v Mthatha Bucks (Kanyazamaz­ane Stadium, 3.30pm); UThongathi FC v Real Kings (King Zwelithini Stadium, 3.30pm)

Imidlalo yokuhlunge­la ukuzibekis­ela indawo kwiLast 32 yeNedbank Cup: NgoDisemba 12:

Super Eagles v Black Leopards (Goble Park Stadium, 3pm); Stellenbos­ch FC v Mbombela United (Parow Park, 3pm) NgoDisemba 13: Jomo Cosmos v Ubuntu Cape Town (Vosllorus Stadium, 3pm); Witbank Spurs v Richards Bay FC (Puma Rugby Stadium, 3pm); Mthatha Bucks v Uthongathi FC (Mthatha Stadium, 3pm); Royal Eagles v University of Pretoria (Sugar Ray Xulu Stadium, 3pm); Highlands Park v Real Kings FC (Makhulong Stadium, 3pm)

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UPHUMELELE Bhengu weReal Kings emakwa uChristoph Komane weHighland­s Park emdlalweni weNational First Division eSugar Ray Xulu Stadiu, ngoOkthoba 15
Isithombe: BACKPAGEPI­X UPHUMELELE Bhengu weReal Kings emakwa uChristoph Komane weHighland­s Park emdlalweni weNational First Division eSugar Ray Xulu Stadiu, ngoOkthoba 15
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa