UZuma ufuna ukuqala kweyeChiefs
UMDLALI wasesiswini weKaizer Chiefs, uDumisani Zuma, uzibekele umgomo wokulwela indawo yakhe esikimini esiqala imidlalo somqeqeshi uSteve “Mphathi” Komphela.
UZuma ujoyine iChiefs bhusende ekuqaleni kwesizini ka-2017/2018 emuva kokwenqaba ukuvuselela inkontileka neBloemfontein Celtic abedlala kuyona njalo. Nokho kusukela efikile eNaturena imidlalo uyiqala ebhentshini.
Lo mdlali waseMgungundlovu unengcindezi yokulandela ezinyathelweni zabadlali baKwaZulu-Natal abafike bazakhela igama emaqenjini amakhulu aseGauteng okukhona kubona uMbulelo Mabizela, Andile Cele, Siyabonga Nomvethe, Mabhuti Khenyeza, Sibusiso Zuma nabanye.
“Ngizele ukuthola ijezi lapha. Ngingasho ukuthi ukudlala kwami kuyangiqgugquzela. Igoli lami liyeza sekusele kancane. Njalo uma ngingena kumele kube khona engikwenzayo ukukhombisa umqeqeshi ukuthi sekungifanele ukuqala imidlalo ikakhulukazi njengoba iqembu lingenzi kahle kulezi zinsuku,” kusho uZuma.
UZuma ungomunye wabadlali abakhalelwa ngabalandeli ngenkolelo yokuthi ukudlaliswa kwakhe njalo kungawenza umehluko kuMakhosi aseqede amasizini amabili engawini neyokubika indebe. Kusukela kuqale eka-2017/2018, iChiefs isiphunyukwe yiMTN8 neTelkom Knockout. Lokhu sekwenze abalandeli balahla ithemba ngokuwina indebe ngaphansi kobuholi bukaKomphela. Kwilog ye-Absa Premiership iChiefs ayibalwa namaqembu aphezulu phezu kokuba sekuzosongwa umzuliswano wokuqala wesizini. Isendaweni yesithupha ngamaphuzu angu-16 emuva kwemidlalo engu-12.
Ngaphandle kwengcindezi yokugcina udumo lwabadlali baseKZN emaqenjini amakhulu, uhlalelwe wumthwalo wokuqhuba olwabangakubo eMgungundlovu, eyaziwa ngekhono. KwiChiefs lo mthwalo usemahlomphe akhe nakaPhilani Zulu noWiseman Meyiwa.
“Yebo ikhona ingcindezi yokuthi ngenze kahle lapha kwiChiefs. Nami ngifuna ukuzakhela igama. Ngizokwenza isiqiniseko sokuthi ngiyalisebenzisa ithuba engilitholayo,” kusho uZuma.
Emdlalweni olandelayo wePremiership iChiefs izobhekana neChippa United eNelson Mandela Bay, ePort Elizabeth ngoLwesithathu ngo-7.30 ebusuku.