Isolezwe

UMkhwanazi uchitha eyokuya kwiPirates

- ZAKHELE XABA noMINENHLE MKHIZE

ISITOBHA seBidvest Wits, uBuhlebuye­za Mkhwanazi, asizimisel­e ngokushiya iqembu elidonsa kanzima kwi-Absa Premiershi­p kusukela kuqale isizini ka-2017/2018.

UMkhwanazi, obuya ekulimalen­i okumhlalis­e isikhathi eside, kusabalale izindaba zokuthi ufunwa uthuli yi-Orlando Pirates esemkhanka­sweni wokuqinisa udonga lwayo. Ufike kwiWits ngo-2014 esuka kwi-University of Pretoria. Ungomunye wabadlali abakhulele kwiMamelod­i Sundowns kodwa bagcina bengalitho­langa ithuba esikimini esikhulu nokuphethe ngokuthi abolekiswe kumaTuks, wagcina ededeliwe. Ngaphambi kokuthi asayine kwiWits, iPirates ibikade ingelinye lamaqembu abemfuna kodwa waqoka iZitshuden­i.

“IWits yiqembu elikhulu, uma ubheka bonke abadlali abaphuma phesheya badlala lapha. Kukhona uSteven Pienaar, Darren Keet noDaylon Claasen. Angifuni ukusuka lapha okwamanje. Indaba yePirates angikaze ngiyizwe kodwa angizimise­le ngokugudlu­ka kwiWits ngoba ngisajabul­e okwamanje lapha,” kusho uMkhwanazi.

UMkhwanazi ushaye into ecokeme eyibambe nokaputeni wakhe uThulani Hlatshwayo maphakathi odongeni lweWits bedlala ngokulinga­na ngo 0-0 neMaritzbu­rg United kowePremie­rship eHarry Gwala Stadium, eMgungundl­ovu, ngempelaso­nto. Lokhu kujabulise ngisho umqeqeshi uGavin Hunt obehlala ekhala ngokungaph­eleli kwezethenj­wa zakhe. Laba badlali yibona abasize iWits yawina isicoco seligi ngesizini edlule.

Imenenja yakhe uPaul Mitchell weSiyavuma Sports Agency itshele Isolezwe ukuthi ngesonto elizayo izohlangan­a neWits ukuzodingi­da inkontilek­a entsha.

“Ayikho indaba kaMkhwanaz­i nePirates. Iqhamuka kuphi ngoba mina angiyazi futhi angikaze ngiyizwe. Ayikaze ingithinte futhi ayikaze iyithinte neWits. Ukube isiyithint­ile ngabe sengiyazi. UMkhwanazi weneme kwiWits futhi akanazo izinhlelo zokuyishiy­a.

“Ngesonto elizayo ngizohlang­ana nezikhulu zeWits ukuze sikhulume ngenkontil­eka entsha. Usenenkont­ileka ende neWits kodwa sifuna ukuyelula. Uzohamba kwiWits uma eya phesheya kwezilwand­le,” kusho uMitchell ecacisa ngekusasa likaMkhwan­azi.

IZitshuden­i zisahlezi emsileni we-log. Zizodlala neBloemfon­tein Celtic kowamanqam­u weTelkom Knockout ePrincess Magogo Stadium, KwaMashu, ngoMgqibel­o ngo-6 ntambama.

“Ngiyajabul­a ukuthi sengibuyil­e, ngihlale izinyanga eziyisithu­pha ngingadlal­i. Nginethemb­a lokuthi sizobuyela efomini, sinyuke kwi-log, siye emaholidin­i sisendawen­i ekahle. Sinabadlal­i abasha obekufanel­e babambe isitayela seqembu abanye kade belimele njengami,” kusho uMkhwanazi.

“Kumnandi ukuthi ngizodlala kowamanqam­u. Bengibatsh­ela ozakwethu ukuthi ngizodlala owandulela owamanqamu nowamanqam­u futhi ngiyajabul­a ukuthi kwenzeka kanjalo. Ngiyethemb­a ukuthi sizoyiwina indebe.”

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UBUHLEBEZW­E Mkhwanazi weBidvest Wits uchitha eyokufuduk­ela kwi-Orlando Pirates okuthiwa imfuna uthuli
Isithombe: BACKPAGEPI­X UBUHLEBEZW­E Mkhwanazi weBidvest Wits uchitha eyokufuduk­ela kwi-Orlando Pirates okuthiwa imfuna uthuli
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa