Ufuna ukuyoveza ikhono leKZN eMpumalanga
UMQEQESHI weSunflower Women FC, uSiyabonga Malinga, ufuna bayoqhakambisa ikhono lesifundazwe iKwaZulu-Natal emqhudelwaneni kazwelonke iSasol League National Championship ozoba seMpumalanga ngenyanga ezayo.
ISunflower, ewine iligi yeSafa KZN Sasol Women’s League, izomela isifundazwe kokazwelonke oqala ngoDisemba 4 kuya kuDisemba 9, Kabhokweni Stadium, eNelspruit. Iyaqala ukuhlanganyela kulo mqhudelwano ngenxa yokuthi iDurban Ladies ibijwayele ukuzidlela amahlanga eKZN.
Izogadulisana namaqembu angomakadebona kule midlalo ehanjelwa ngabaqeqeshi bamaqembu esizwe ebhola labesifazane eNingizimu Afrika. Kuzoba khona iCoal City Wizards engosokhaya eqede endaweni yesine nyakenye, Bloemfontein Celtic Ladies, ezovikela indebe neCape Town Roses eyawina indebe ngo-2014. Amanye amaqembu yiThunderbirds Ladies (Eastern Cape), De’Scorpion FC (North West) neRC Mills (Northern Cape). ILimpopo izomelwa yiKanatla Ladies kuthi iGauteng ibeke amathemba kwiMamelodi Sundowns Ladies. Eminyakeni edlule iKZN ibikade ishaya ngabadlali abaseqophelweni eliphezulu, okukhona kubona uVeronica Phewa. “Ngeke sithi siyowina indebe kodwa sifuna ukubonisa ukuthi iKZN inalo ikhono, siphinde sivulele abadlali bethu ithuba lokudlalela amaqembu esizwe. Amaqembu esizodlala nawo anabadlali emaqenjini esizwe. Kufanele sikhombise ukuthi iKZN isenalo ikhono njengaseminyakeni edlule,” kusho uMalinga.
“Ukuba nabadlali abanekhono yikhona okusibeke kuleli zinga nokubamba umgqigqo kwabo isikhathi eside. Ngesikhathi siqala isizini besingakubhekile ukuwina iligi kodwa ngokuhamba kwesikhathi, sibona ukuthi kuyadlaleka, sishintshile sasebenzela yona. Sibasebenze kakhulu emiqondweni yabadlali ngoba basebancane.”
ISasol League National Championship yethulwe ngokusemthethweni ngeSonto eledlule eSafa House, eGauteng. Emcimbini abakwaSasol bamemezele ukuthi bayayinyusa imali abazoxhasa ngayo umqhudelwano isuka ku-R200 000 ifinyelele ku-R500 000. Iqembu elizodla umhlanganiso lizothola u-R200 000.
ISunflower izofulathela iKZN kusasa ukuyozijwayeza nesimo sezulu saseMpumalanga. Ikleliswe kuGroup A lapho izobhekana khona neDe’Scorpions neCape Town Roses.