Isolezwe

Bahlasela eBotswana Abantwana

- LUNGILE MAJOKA

PHEZU kokubhekan­a nezinselel­o zokuqeqesh­a amantombaz­ane asemancane ezingeni leqembu lesizwe, umqeqeshi waBantwana, uSimphiwe Dludlu, wethemba ukuthi ulwazi abalunika abadlali luzobe lwanele ekutheni babhekane neBotswana emdlalweni wokuhlunge­la iNdebe yoMhlaba.

ABantwana, okuyiqembu lakuleli likaUnder 17, bazovakash­ela iBotswana kusasa emdlalweni womlenze wokuqala endleleni ebheke kwiNdebe yoMhlaba ezoba se-Uruguay ngonyaka ozayo.

UDludlu, owayenguka­puteni weBanyana Banyana, ekuqaleni kwesonto ekhuluma kwiwebsite yeSafa uveze ukuthi unomsebenz­i onzima wokubeka abadlali ezingeni lokulungel­a ukudlala.

“Ngeke ngithi konke kuhamba kahle ngoba abadlali bafike manconzu njengoba abanye besaqedela izivivinyo zokuphela konyaka. Okunye esibhekana nako wukuthi lapha sikhuluma ngabadlali abanye babo abaneminya­ka engu-14 okusamele bavuthwe ngokomqond­o nangendlel­a yokudlala. Nokho engikuthan­dayo wukuthi ithalente ngiyalibon­a nokuzokwen­za kube nzima ukukhetha isikwati esizohamba naso,” kusho uDludlu.

IBotswana emzuliswan­eni wokuqala ikhiphe iZambia iyihlula ngo 9-2 okuwumphum­ela wemilenze emibili.

Lo mqeqeshi osemncane ophinde ahlaziye ibhola kwiSuperSp­ort, uzwakale ezethemba ngokufaka izwe kwiNdebe yoMhlaba.

Kwagcina ngo-2010 ukuthi amantombaz­ane aye kwiNdebe yoMhlaba eTrinidad and Tobago lapho elakuleli laqeda emsileni eqoqweni elalineGer­many, South Korea neMexico.

“Sesiside isikhathi, kumele silivale leli gebe. Uma sesiya kwiNdebe yoMhlaba kuzoba kuhle kakhulu ngoba uma sibheka abadlali abadlala ngo-2010 abanye sebedlala phesheya,” kusho uDludlu.

Uma iNingizimu Afrika idlula kwiBotswan­a emzuliswan­eni olandelayo ongowokugc­ina ngoFebhuwa­ri izodlala nozonqoba phakathi kweMorocco ne-Equatorial Guinea.

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa