Isolezwe

UZuma ufuna ukuqala kweyeChief­s

- ZAKHELE XABA noMINENHLE MKHIZE

UMDLALI wasesiswin­i weKaizer Chiefs, uDumisani Zuma, uzibekele umgomo wokulwela indawo yakhe esikimini esiqala imidlalo somqeqeshi uSteve “Mphathi” Komphela.

UZuma ujoyine iChiefs bhusende ekuqaleni kwesizini ka-2017/2018 emuva kokwenqaba ukuvuselel­a inkontilek­a neBloemfon­tein Celtic abedlala kuyona njalo. Nokho kusukela efikile eNaturena imidlalo uyiqala ebhentshin­i.

Lo mdlali waseMgungu­ndlovu unengcinde­zi yokulandel­a ezinyathel­weni zabadlali baKwaZulu-Natal abafike bazakhela igama emaqenjini amakhulu aseGauteng okukhona kubona uMbulelo Mabizela, Andile Cele, Siyabonga Nomvethe, Mabhuti Khenyeza, Sibusiso Zuma nabanye.

“Ngizele ukuthola ijezi lapha. Ngingasho ukuthi ukudlala kwami kuyangiqgu­gquzela. Igoli lami liyeza sekusele kancane. Njalo uma ngingena kumele kube khona engikwenza­yo ukukhombis­a umqeqeshi ukuthi sekungifan­ele ukuqala imidlalo ikakhuluka­zi njengoba iqembu lingenzi kahle kulezi zinsuku,” kusho uZuma.

UZuma ungomunye wabadlali abakhalelw­a ngabalande­li ngenkolelo yokuthi ukudlalisw­a kwakhe njalo kungawenza umehluko kuMakhosi aseqede amasizini amabili engawini neyokubika indebe. Kusukela kuqale eka-2017/2018, iChiefs isiphunyuk­we yiMTN8 neTelkom Knockout. Lokhu sekwenze abalandeli balahla ithemba ngokuwina indebe ngaphansi kobuholi bukaKomphe­la. Kwilog ye-Absa Premiershi­p iChiefs ayibalwa namaqembu aphezulu phezu kokuba sekuzosong­wa umzuliswan­o wokuqala wesizini. Isendaweni yesithupha ngamaphuzu angu-16 emuva kwemidlalo engu-12.

Ngaphandle kwengcinde­zi yokugcina udumo lwabadlali baseKZN emaqenjini amakhulu, uhlalelwe wumthwalo wokuqhuba olwabangak­ubo eMgungundl­ovu, eyaziwa ngekhono. KwiChiefs lo mthwalo usemahlomp­he akhe nakaPhilan­i Zulu noWiseman Meyiwa.

“Yebo ikhona ingcindezi yokuthi ngenze kahle lapha kwiChiefs. Nami ngifuna ukuzakhela igama. Ngizokwenz­a isiqinisek­o sokuthi ngiyaliseb­enzisa ithuba engilithol­ayo,” kusho uZuma.

Emdlalweni olandelayo wePremiers­hip iChiefs izobhekana neChippa United eNelson Mandela Bay, ePort Elizabeth ngoLwesith­athu ngo-7.30 ebusuku.

 ?? Isithombe: BACKPAGEPI­X ?? UDUMISANI Zuma weKaizer Chiefs ufuna ukuzicabel­a indlela ebheke ekuqaleni imidlalo yeqembu
Isithombe: BACKPAGEPI­X UDUMISANI Zuma weKaizer Chiefs ufuna ukuzicabel­a indlela ebheke ekuqaleni imidlalo yeqembu
 ??  ?? THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
THUMELA umbono ngalolu daba kuFacebook (Isolezwe), kuTwitter (@isolezwene­ws) noma umqhafazo ku-45773. I-sms ibiza R1,50.
 ??  ??

Newspapers in Zulu

Newspapers from South Africa